SIMPHIWE NDWANDWE
UZOBUYELA eNkantolo yeMantshi yaseMelmoth ngoMsombuluko ozayo umfana waseMfulo Mission kuleya ndawo owagwaza wabulala ibhungu lasendaweni kuklolodelwana ngebhola.
Uvele kafushane kule nkantolo icala lakhe lase lihlehliselwa u-Agasti 6 ngesonto elizayo ukuze kuqhubeke uphenyo. Uzinikele emaphoyiseni ngoMsombuluko kulandela ukubalekela amaphoyisa kusuka ngelanga okusolakala ukuthi wagwaza ngalo uMakabongwe “Nqoyinqoyi” Dlamini (22) washona. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe umsolwa usengaphansi kweminyaka esemthethweni ngakho ngeke aze adalulwe igama lakhe. Uthe umsolwa usagcinwe ezandleni zomthetho aze aphindele enkantolo.
Lesi sigameko senzeka ebusuku ngesikhathi kudlala iPirates neKaizer Chiefs emqhudelwaneni wendebe ye-Carling Black Label Cup ngempelasonto edlule.
Ukubulawa kwalo mlandeli kwabethusa kakhulu abalandeli bamanye amaqembu njengoba bakhala ngokuthi kufanele kwehliswe umoya. Umlandeli we-Pirates uNksz Joy Chauke wagxeka ukusetshenziswa kabi kotshwala okudala ukuthi abalandeli bagcine sebebambana ngezihluthu.
OweChiefs, uMasilo Machaka wathi kuyadumaza ukuthi kuchitheke igazi kubangwa ibhola ngoba kufanele lakhe ubungani hhayi izitha esezingaze zibulalane. “UNqoyinqoyi” uzofihlwa ngoMgqibelo ekhaya eMfulo Mission.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services