INLSA
UMSUNGULI wamaSatma, uMnuz Dumisani Goba, uthi ukushiya kwakhe ekuphatheni le miklomelo kuzomvulela ithuba eliyingqayizivele lokuyofunda okuyinto abeyilambele kakhulu yonke le minyaka. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU
UMSUNGULI wemiklomelo yabacula owesintu amaSouth African Traditional Music Awards (Satma), uMnuz Dumisani Goba, uthi ushiye zonke izinto zisemgqeni njengoba esethathe isinqumo sokuhlaba ikhefu iminyaka eyisihlanu ekuzibandakanyeni nezamabhizinisi nokunye.
UGoba (34), owaqopha umlando esungula imiklomelo yabomculo wesintu ngo-2005, uthe akanalo noluncane uvalo njengoba yena esethi khumu kwazise usebenze ngokuzikhandla yonke le minyaka kusuka kwasungulwa le miklomelo futhi kukho konke abekwenza ubebeka phambili ukuhlomula kwabaculi kunokuzakhela ingcebo.
“Kunezikhathi lapho bengikhipha konke enginakho ukuze ngisize abantu abahlwempu ngisale ngingenalo ngisho isenti. Abantu ngeke bakholwe ukuthi nami bengike ngihlaselwe yindlala ngingenalutho kodwa ngidle imihlathi ngiqinisele ngoba ngivikela isithunzi sami negama lami,” kusho uGoba.
Uthe ukwengamela amaSatma kuye kufane nohambo olude obelunezinse-lelo ezinzima kodwa futhi lumqinisa eminxeni eyahlukene yempilo.
UGoba ukugcizelele ukuthi ukushiya kwakhe akukhona nje ukuthi uyabaleka noma khona ingcindezi emshisayo kodwa yisinqumo osekunesikhathi asithatha.
Isimo sezimali nokunye uthe kuhamba ngononina futhi lapho edingeka khona ukuba acathulise abazosingatha lo msebenzi uyohlale etholakala.
UDUMISANI Goba ongasezoyihlela imiklomelo yamaSatma njengoba esezoyofunda Isithombe:THOKOZANI NDLOVU
INLSA
Akubalulile athe ukuzuzile kule ndlela abeyihamba kube ukusebenza nabantu abehlukene kuleli, ukwemukela ukugxekwa, ukwazi lapho emandla khona nalapho ebuthakathaka khona waphinde wafunda nokukwazi ukugwinya itshe uma izinto zilutsheku kwezamabhizinisi.
Uthe ayilona iqiniso imibiko yokuthi kunabantu angasezwani nhlobo nabo kodwa ayengamathe nolimu nabo ngesikhathi kusaqala amaSatma.
“Akukaze kube nesimo lapho ngake ngabhekena ngeziqu zamehlo noMnuz Welcome “Bhodloza” Nzimande. Eqinisweni uBhodloza ufana nobaba kimi. Yebo, kuyenzeke empilweni kube khona ukungaboni ngaso linye uma nibambisene emabhizinisini kodwa lokho ngeke kwahunyushwa ngokuthi seniyizitha. Kanjalo nakuNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ngamanga uma sekuthiwa siyinkukhu nempaka ngoba angikwazi lokho mina. UZanele sibonana naye emicimbini ngisho nangoLwesine (olwedlule) besidla naye isidlo sasekuseni kungenankinga,” kusho uGoba.
Uthe uyacabanga ukuthi abantu bakholelwa ukuthi njengoba uNkk Mbokazi-Nkambulo esingethe amaCrown Gospel sekukhona ukuncintisana kanti akunjalo.
Usezogxila ekutholeni uMatric bese eqala iphupho lakhe lokugogoda kwezamabhizinisi ezincikene nomthetho okuyinto ebiyisifiso sakhe seminyaka.
Muva nje uthe uphezu komsebenzi wokwethula imiklomelo ezobungaza intsha yakuleli evelele emikhakheni eyahlukene kwezombusazwe, ezamabhizinisi, ezikaqedisizungu nezemidlalo. Le miklomelo, ebizwa ngokuthi amaSA Youth Achievements Awards (Saya Awards) izokwethulwa ngo-Ephreli eKapa kanti izokwenga-nyelwa nguMnuz Sabelo Silinga, oseqokelwe esokuphatha amaSatma.
|
|
Services