USdumo udlulisa umyalezo ngefilimu

Comment on this story
NO_sdumo0 INLSA USDUMO Mtshali oseqophe ifilimu yakhe yokuqala emva kokungena emkhakheni wezokulingisa. Isithombe: BONGIWE MCHUNU

NONHLANHLA MKHABELA

USETHATHE elinye igxathu umlingisi owadla umhlanganiso kwiClass Act, uSdumo Mtshali emkhakheni wezokulingisa ngokuqopha ifilimu yakhe yokuqala, i-Inside Story.

USdumo ulingisa ukuba ngumdlali webhola, uSpikiri, kule filimu ezobe ikhonjiswa ku-Durban International Film Festival (DIFF) ezoqala ngoJulayi 19 iphele ngomhlaka 29.

Le filimu ikhuluma ngensizwa enephupho lokuba ngumdlali webhola ovelele ethola ukuthi inengculazi isizitshela ukuthi iphupho layo seliyafezeka.

USdumo uthe bekulula ngendlela eyisimanga ukuqopha le filimu ngoba ubesebenzisana nabantu aseke wasebenza nabo phambilini, okubalwa kubona umqondisi wayo i-Inside Story uRolie Nikiwe noFana Mokoena, ongomunye wabalingisi.

“SinoRolie sinobudlelwane obuhle ngoba sobabili siyakuqondisisa ukuthi into ehamba phambili ekwenzeni ifilimu ngumyalezo,” kuchaza uSdumo.

Uthe akubanga lula ukulingisa indawo kaSpikiri ngoba ukudlala ibhola lezinyawo akakujwayele kanti bekusemqoka ukuthi alidlale njengomdlali wangempela.

“Ibhola ngaligcina ngisafunda ngakho kube nzinyana ukudlala le ndawo. Sachitha inyanga yonke sizilolonga nabadlali bebhola bangempela, futhi sisebenza nabaqeqeshi bebhola bangempela,” echaza.

Le filimu yaboniswa okokuqala kuleli kugujwa i-World Aids Day eGoli nyakenye. Ibonakalise ukwamukelwa okuhle njengoba yahlomula nge-award yeSpecial Jury Recognition ku-Pan African Film Festival ngoFebhuwari.

USdumo uthe into emenze wadlala kuleli filimu wukuthi uyathanda ukufundisa nokuqwashisa abantu ngezinto ezithinta umphakathi njengayo ingculazi.

“Uma wenza ifilimu akumele wenze noma yini nje kodwa kumele wenze into enomyalezo owakhayo futhi ezoba nomthelela omuhle kubantu,” kweluleka uSdumo.

Uthe noma esenza izifundo zokulingisa wayevele eyingxenye ye-Theatre in Education (TIE) lapho benza khona imidlalo efundisayo futhi eyakhayo.

Le filimu ibophele nabanye abalingisi abavelele okungoKendra Etufunwa waseNigeria wodumo lwe-Jacob’s Cross ophinde abe ngumkhangisi, uHakeem Kae-Kazim wefilimu iHotel Rwanda, Seth Zimu osebenze kakhulu ne-Curious Pictures noKevin Mamboleo womdlalo odumile waseKenya i-Changing Times.

Le filimu izokhonjiswa eLuthuli Museum, e-Elizabeth Sneddon Theatre naseKhaya Multi-Arts Center.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.