Usebalwa nabavelele kowe-ballett

Comment on this story
SABT_Nutcracker_Rehearsal_18Nov2010_1069 John Hogg UThabani Ntuli ezilungiselela ukuyodansa kwiNutcracker ePitoli ngo-2010. Izithombe: John Hogg

NONHLANHLA MKHABELA

UKUBUKELA umdanso we-ballet okokuqala ngqa ngo-2003 eGoli kwaba sekwanele ukuthatha insizwa yaseHowick eyavele yenza isinqumo sokungena kulolu hlobo lomdanso.

Namhlanje uThabani Ntuli (26) usebalwa nabadansi abanethalente elimangalisayo kulo mdanso.

Uzobe edansa emdansweni isihloko sawo esibizwa ngeNutcracker, okuyindaba exoxwa ngomdanso we-ballet edlala minyaka yonke emhlabeni jikelele, ozoba seGoli ngoSepthemba 6-16.

Uthe ukubuka lo mdanso owawuseGoli kwamhlaba umxhwele ngendlela yokuthi wanquma ngaleso sikhathi ukuthi usezoba ngumdansi we-ballet wabe esenikela ukuyobhalisela ukwenza izifundo zayo.

Noma unina wayenokukhathazeka ngengcindezi ekhona kulolu hlobo lomdanso, uThabani uthe umndeni wakhe wameseka ngokuphelele esinqumeni sakhe.

SABT_Nutcracker_Rehearsal_18Nov2010_935 UThabani Ntuli ezilungiselela ukuyodansa kwiNutcracker ePitoli ngo-2010. Izithombe: John Hogg John Hogg

“Ingqinamba enkulu kwaba wukushiya ekhaya sengiya ukuyohlala eGoli ngoba ngangingazi muntu ngingenabangani khona,” kubeka uThabani.

I-ballet akuwona wodwa umdanso awaziyo uThabani, owaqala ukudansa eneminyaka eyisishiya-galombili lapho ayefundela imidanso ye-ballroom, Latin ne-Hip Hop.

Uthe abantu baseHowick bamazi kudala emkhakheni womdanso okwenza kube lula ukuthi bameseke futhi baziqhenye ngasekuzuzile kulo mkhakha.

Ukuba yingxenye yeNutcracker neSenior Corps de Ballet, okuyiqembu elisesigabeni esiphezulu kuSouth African Ballet Theatre, kumnikeza ithemba uThabani ngekusasa lomdanso we-ballet eNingizimu Afrika.

“Kuyinkomba yokuthi izinto ziza kahle kulo mdanso nokuthi likhona ikusasa kuwona ezweni lakithi,” kusho uThabani.

UThabani ugcizelela ukuthi lo mdanso udinga umuntu onentshisekelo yawo ngoba akulula neze ukuwenza.

“Kunezikhathi lapho umzimba usuke ubuhlungu uqaqamba kodwa kumele uvuke unikele estudiyo nangakusasa uyozilolonga. Zikhona nezinsuku lapho uzwa khona sengathi uphelelwa nayisineke kodwa kumele uzincenge,” kubeka uThabani.

Uthe kumqoka ukwazi umzimba wakho ukuthi usebenza kanjani ukwazi nokuwunakekela kanti yena kulokhu usizwa wukuthi wenza izifundo zeBasic Ambulance Assistance, ezifundisa kakhulu ngokusebenza komzimba ukuthi azigcine esesimeni esilungele ukudansa.

UThabani oseke wadansa kwiSwan Lake neLion King yaseSingapore uthe ufisa ukuqhubeka nokukhula emdansweni wakhe njengoba ethi ziseziningi izigaba aphokophele kuzona.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.