Usebheke umfundaze odabule o-A

Comment on this story
20130103_125257

LUNGI LANGA

UQOPHE umlando umfundi wasesikoleni sasemakhaya eNgqengelele High, eNsukaze, eMahlabathini, edabula o-A kuzo zonke izifundo zakhe zika-Matric.

UThuthukani Christopher Xulu (18) othole o-A abayisishiyagalombili ezifundweni zakhe, ube ngowokuqala ukuthi aphase zonke izifundo zakhe kusukela lesi sikole saba no-Matric ngo-2000.

Uthishanhloko waseNgqengelele, uNkk Molly Zulu, uthe namanje basamangele ngempumelelo kaXulu athe ubekhombisa ukuzimisela ezifundweni zakhe.

“Wenze okuhlukile nebesingakulindele ngokuphumelela ngalolu hlobo. Kodwa lokhu kungumphumela wokuzimisela kwesikole sonke njengoba besisebenza kanzima nabantwana ukuze baphumelele. Yena nabanye abafundi abane baphinde baba ngabokuqala ukuthola o-A ku-English kulesi sikole ku-Matric,” kusho uNkk Zulu.

UThuthukani ubengamangele kangako ngokwenza kahle kwakhe. Kunalokho ubekhululekile ethi ukuphasa kahle kuyinto aseyijwayele ngenxa yokuzikhandla kwakhe nothisha ababafundisayo.

“Esikoleni besiba namakilasi ebusika futhi lapho besize silale esikoleni ukuze sithole isikhathi esenele sokufunda. Kula makilasi besivuka ekuseni ngehora lesine sifunde size silale ngehora leshumi ebusuku,” kusho uThuthukani.

Uthe kwamsiza kakhulu ukuthi azenzele uhlelo lokufunda uqala unyaka nyakenye ngoba ubengadingi ukuthi abe sesikoleni ukuze afunde ubekwazi ukuzifundela eyedwa.

Uthe othisha babo ikakhulukazi uthishanhloko wabo uNkk Zulu nomunye obebafundisa i-Afrikaans neGeography uMnuz Siyabonga Zulu babe yinsika yabo ngesikhathi bezilungiselela.

Izifundo zakhe zime kanje, Maths 91%, Physics 86%, Life Sciences 84%, Geography 88%, Life Orientation 97%, Afrikaans 85%, English 83%, iSiZulu 85%.

Yize ephase kahle izifundo zakhe uXulu akakawutholi umfundaze futhi akazi ukuthi uzoqhubekela kanjani phambili nezifundo zakhe.

Ufuna ukwenza izifundo zikagesi, i-Electrical Engineering.

Uthe usesitholile isikhala sokufunda esikhungweni semfundo ephakeme, eMangosuthu University of Technology, kepha akekho ozomfundisa njengoba abazali bakhe bengasebenzi bobabili.

“Abazali bami abasebenzi bobabili nokuba siyaphila besisizwa yimali yesibonelelo sikahulumeni esitholwa ngubaba nezingane zasekhaya,” kusho uThuthukani.

Ubaba wakhe uMnuz Muziwenhlanhla Xulu ubejabule kodwa ukungabi nayo imali yokuqhuba indodana yakhe bekumphethe kabi.

“Besazi ukuthi uhlakaniphile kepha besingazitsheli ukuthi angaphasa zonke izifundo zakhe (ngamalengiso). Sijabule kakhulu, inkinga esesinayo wukumqhuba esikoleni ngoba mina nomama wakhe asisebenzi. Ngihola impesheni yokugula unina uholela izingane isibonelelo, yiyo le mali esibakhulisa ngayo,” kuchaza uXulu.

UNkk Zulu usezibophezele ekukhokheleni uThuthukani nomunye umfundi wakulesi sikole othole o-A abayisithupha imali yokubhalisa esikoleni kodwa sekumele bathole eyokufunda.

UThuthukani uthe kukhona umfundaze awucela kwenye yezinkampani zikagesi kodwa ayikaze imphendule.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.