Usebumnyameni ngesinqumo uSerero

Comment on this story
no sarah Gallo Images AKAPHIKI ukuthi kungenzeka abuyele kuPremier Soccer League (PSL) uThulani Serero we-Ajax Amastersdam osanda kushonelwa nguyise. Isithombe: GALLO IMAGES

MINENHLE MKHIZE

SIMANQIKA ngokubuyela ku-Ajax Amsterdam yaseHolland isilomo somdlali weBafana Bafana uThulani “Mfana ophethe i-magic” Serero obevutha engabaselwe ngesikhathi elakuleli libukisa ngeGabon emdlalweni wobungani ngoLwesihlanu eMbombela Stadium.

Lokhu ukutshele Isolezwe engxoxweni ekhethekile abe nayo izolo njengoba esadidekile ngesinqumo okumele asithathe.

“Ngisanda kushonelwa ngubaba ofihlwe emasontweni amabili adlule. Bebehlala nomama kuphela. Njengoba engasekho nje emhlabeni umama usele yedwa,” kusho uSerero.

“Lokhu kungishiya ngididekile ngokumele ngikwenze kwazise vele akhona amaqembu angifunayo lapha ekhaya. Umama usekhulile udinga umuntu omzomnakekela. Ngesonto elizayo ngizobe sengazi ukuthi ngesizini ezayo ngiphindela ku-Amsterdam noma ngihlala lapha ekhaya.”

USerero umataniswa neKaizer Chiefs esayina abadlali ubuthaphuthaphu kulezi zinsuku.

“Inkontileka yami ne-Ajax isalelwe yisizini eyodwa kanti kunombandela wokuyivuselela uma besathanda. Ngisathanda ukudlala khona ngoba ngiqale kahle. Into engibulalile wukulimala nje kuphela. Ngale kwalokho ithuba ebenginikwa lona ngemizuzu yokugcina bengilisebenzisa ngendlela efanale,” kusho uSerero.

“Bengazi kahle ukuthi ngeke ngithi ngifika ngibe ngiqala imidlalo yeqembu ngoba bekusamele ngijwayele isitayela nesiko le-Amsterdam. Ukubamba kahle yonke into kungithathe izinyanga eziyisishi-yagalombili. Ukube angilimalanga ngabe bese ngiyiqala imidlalo.”

Yize engadlalanga njalo eqenjini elikhulu kodwa uthole indondo yegolide njengoba ezakhe zinqobe isicoco seligi. Udlale imidlalo eyisikhombisa.

“Indaba yeChiefs ngeke ngiphawule ngayo. Umuntu ongamshayela nguMike Ntombela ophethe izindaba zami. Mina ngishayele ngesonto elizayo ngizokunika into eqondile ukuthi ngizokwenzenjani ngesizini ezayo,” kusho yena.

Ngo-2010/2011 le njini iphephethe cishe yonke imiklomelo kwazise idle owePSL Player’s Player of the Season, PSL Player of the Season, Absa Premiership Red Hot Young Player nowe-PSL Footballer of the Year.

“Angiyazi ukuthi iqhamukaphi indaba yokuthi bengidlaliswa maphakathi esiswini. Indlela engidlala ngayo kuBafana yindlela engidlaliswa ngayo ku-Amsterdam. Isikhathi sokuthi ngiye phesheya bese sifikile ngeke ngithi ngisheshe ngahamba. Abantu uma izinto zikubhedela bavele bakhulume abakuthandayo. Ngesizini ezayo ngithandazela ukuthi ngibalekele ukulimala. Izinga liphezulu eHolland kodwa akuhlukile kangako kokwenziwa ku-Absa Premiership. Thina sibuye sithande ukudlala izitayela kanti bona bakhonze ukuphaselana. Uma ngidlala asikho isidingo sokukho-mbisa abantu ukuthi ngiyalazi ibhola,” kusho uSerero.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.