Usejoyine i-ANC obeku-IFP

Comment on this story
Copy of NO INDLOVU7 . UMNUZ Ntuthuko Majozi obekhulumela i-IFPYB osejoyine i-ANC ngemuva kokuthi esule kule nhlangano ngo-Ephrel. Isithombe: BONGANI MBATHA

CELANI SIKHAKHANE

UMHOLI wophiko lwentsha ye-IFP uNtuthuko Majozi usegcine ejoyine i-ANC ngemuva kokwesula kwakhe kule nhlangano.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi esolwe yi-IFP ngokuthi uzama ukufaka umoya kubantu abasha wokuthi baphikisane nobuholi bukaDkt Mangosuthu Buthelezi.

UMajozi kuthiwa ubephinde ahole umkhankaso wokuthi uma sekusondela ukhetho luka-2014 kumele achithwe uButhelezi kufakwe omunye umuntu ozokwazi ukuheha amavoti amasha kuleli qembu.

Kuke kwasuka umsindo ngokuqokwa kwakhe esikhundleni sokuba nguMengameli weSadesmo kukhishwa uThabo Xaba engekho.

UMajozi ubesekhulumela i-IFPYB ezingeni likazwelonke ngaphambi kokuthi ngo-Ephreli asule eqenjini njengelungu lalo.

Ngesikhathi ethintwa uthe uthe ngeke aphike noma avume ngalezi zinsolo kodwa angakusho ukuthi akaselona ilungu le-IFP futhi akukho asakuhlanganise nayo.

“Engingakusho wukuthi yize ngiyishiyile i-IFP kodwa lokho bekungasho ukuthi sengiphumile kwezo-mbusazwe wakuleli, empeleni ngiphume ku-IFP kuphela,” kusho uMajozi.

UMajozi uke wathunywa yi-IFPYB ukuthi ayohlangana nabantu abasha bale nhlangano oThukela ayokhuluma ngezinto zentsha kodwa yena kuthiwa wafika waphusha umkhankaso wokuthi abantu abasha ababhukule ukuze kuchithwe ubuholi obukhona be-IFP.

Okunye asolwa ngakho wukuthi kulo mhlangano owawusoThukela wafike wakhuluma ngomqulu okuthiwa ugunyaza uButhelezi ekutheni aziqokele yena abaholi kodwa i-IFP yakuchitha lokho.

UMnuz Joshua Mazibuko okhulumela i-IFP uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba kodwa umuntu ongathintwa nguMnuz Mkhuleko Hlengwa ongusihlalo wentsha ye-IFP.

Ethintwa uHlengwa akazange atholakale kodwa ucingo lwakhe belukhala isikhathi eside lungabanjwa kanti nemiyalezo ashiyelwe yona akazange ayiphendule.

Omunye umholi okhonjwa ku-ANC nguNkk Pat Lebenya Ntanzi kodwa okuthe uma ethintwa wathi lokho akulona iqiniso ngoba yena umatasa nezifundo zakhe e-Unisa futhi usaqalaza amatoho okuziphilisa kwazise i-IFP isanda kumxosha ePhalamende.

Uthe lamahlebezi awalona iqiniso ngoba kukhona nabanye asebeke bambuza ukuthi ngabe usejoyine i-DA yini.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.

  5. Verified email addresses: All users on Independent Media news sites are now required to have a verified email address before being allowed to comment on articles. You are only required to verify your email address once to have full access to commenting on articles. For more information please read our comment guidelines