INLSA
UMnuz Julius Malema. Isithombe:Matthwes Baloyi
ABAMELI bakwaBrian Kahn izolo bazihlangulile bathi abasamumele uMnuz Julius Malema owayenguMengameli we-ANCYL owaxoshwa.
Imininingwane yale nkampani esilaxaze uMalema igcinwe iyimfihlo ngokusho kommeli wabakwaBrian Kahn, uNksz Nicqui Galaktiou.
“Asimlahlile ... kodwa asisammele,” kusho uNksz Galaktiou.
Ngasekuqaleni kukaFebhuwari, uGalaktiou uthe inkampani yabo iyalelwe ukuba ifake amaphepha aphikisa isicelo esifakwe eNkantolo eNkulu ePitoli, esifakwe ngabakwaSouth African Revenue Services (Sars), sokuba kudliwe impahla kaMalema.
UMalema ubenikwe kuze kube nguFebhuwari 18 ukwazisa abakwaSars ngokuthi uyakuphikisa lokho noma cha.
Ngokwemibiko yabezindaba, uMalema wehlulekile wukwenza njalo kwaze kwedlula isikhathi.
Uma isicelo sabakwaSars siphumelela, yonke impahla kaMalema izofakwa endalini kukhokhwe le mali yakwaSars okuthiwa uyayikweleta engu-R16 million.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services