Advertisement
X

Uselinde ukufezeka kwephupho lakhe lesibili oweWits

UZIBONA edlala phesheya kwezilwandle omunye wabadlali beBidvest Wits abakhombise izimpawu zokukhula emidlalweni yeMultichoice Diski Challenge (MDC), uSibongakonke Mbatha.

UMbatha (18) ufike kuZitshudeni ngesizini edlule zimsayinise ekade ekuSchool of Excellence lapho ebephekwa khona waze waba seqenjini lesizwe lika-Under 17 elidlale eNdebeni yoMhlaba eChile nyakenye.

SIBONGAKONKE MBATHA. Credit: Chris Ricco/BackpagePix

Ukusayina kuZitshudeni kufana nokufezeka kwephupho lokuqala likaMbatha odabuka oLundi.

Phambilini lo mdlali uke watshela leli phephandaba ukuthi uma esuka eSchool of Excellence akabhekile ukuya emaqenjini athathwa njengamakhulu kodwa angakujabulela ukugijima kuWits noma kuPlatinum Stars.

“Ngithanda ukubabonga ngethuba abanginike lona lokuthi ngiziveze. Ngijabule kakhulu ngoba iphupho lami lokuqala lifezekile manje sekusele elesibili, okungukuya phesheya,” kusho uMbatha.

IWits ephekwa uGlen Salmon, iyiqale ngenothi elihle imidlalo yeMDC. Ivule ngokubhaxabula iKaizer Chiefs ngo 4-0, yalandela ngokuthela esinye isibhaxu sika 3-0 kuBaroka FC.

NgeSonto izovakashela iChippa United, eGelvandale Stadium ngo-10 ekuseni.

Ihleli esicongweni ku-log ngamaphuzu ayisithupha alinganayo nawe-Orlando Pirates abahlukaniswe ngamagoli nayo.

USalmon uthe inhloso enkulu akusiyona ukunqoba emazingeni aphansi kodwa wukunikeza abadlali ithuba lokukhula.

“Thina sifuna ukuthi abadlali benze amaphutha kodwa bafunde kuwona. Yebo awamahle uma ubheke imiphumela kodwa uma bengawenzi lapha bangabuye bawenze kuphi,” kusho uSalmon.

Ubonge umqeqeshi weqembu elikhulu uGavin Hunt ngokunika abadlali abancane ithuba.

“Sinenhlanhla ngokuba nomqeqeshi ofana noGavin Hunt yize enengcindezi yokwenza kahle kodwa uyabanika ithuba abadlali abasebancane. Lona yiwona msebenzi weDiski ukuthi laba bafana bathole isipiliyoni sokudlala,” kusho uSalmon.

Imidlalo yeMDC yangempelasonto

NgoMgqibelo ngo-10 ekuseni: SuperSport United v Bloem Celtic (TUT Stadium); Ajax Cape Town v Highlands Park (Inkamva); Cape Town City v Polokwane City (Gugulethu Stadium); Orlando Pirates v Maritzburg United (Rand Stadium).

NgeSonto ngo-10 ekuseni: Platinum Stars v Golden Arrows (Royal Bafokeng); Chippa United v Bidvest Wits (Gelvandale Stadium)

Ngo-12pm: Mamelodi Sundowns v Baroka FC (TUT Stadium); Free State Stars v Kaizer Chiefs (Goble Park Stadium).

SHOW ALL
Advertisement