.
u-Akhona (Maggie Benedict) odlala kwiGenerations
USESHUKUMISE abaningi kwi-Generations uNoluntu Memela (Zenande Mfenyana) kodwa okunguyena muntu amhleli entanyeni ngu-Akhona Griffiths (Maggie Benedict).
U-Akhona usanda kuthola ukuthi ungumzala kaNoluntu njengoba eyindodakazi kamfowabo kamama kaNoluntu, uMawande Memela (Nambitha Mpulwana).
Akwehli kahle lokhu kuNoluntu njengoba unina esenake kakhulu umshana wakhe, ekubeni yena ubejwayele ukuthi nguye onakwa kakhulu ngunina.
Iningi lababukeli balo mdlalo selimfake ohlwini lwabadlali abangabathandi, wena owabona oPamela Nomvete (Ntsiki) noXolile Tshabalala (Julia) ababengafunwa nhlobo ngababukeli.
Njengoba kubukeka sengathi u-Akhona akayi ndawo usezinzile emndenini wakwaMemela, ngabe uNoluntu uzogcine emamukele noma usazoqhubeka nokumhlupha ngenhloso yokumkhipha emndenini?
Uma echaza ngale ndawo, uZenande uthi yize engeke adalule imininingwane eminingi kodwa ababukeli mhlawumbe bazoke baphefumule uma bebona ukuthi uphondo luzogcina lugobile kuyena.
UZENANDE Mfenyana (Noluntu Memela) ummise kabi u-Akhona (Maggie Benedict) kwiGenerations njengoba engafuni ukumamukela emndenini wakwaMemela. Izithombe: ZITHUNYELWE
Getty Images
“UNoluntu uzogcina evuma ukuthi ayikho into azoyenza u-Akhona akayi ndawo, kumele ajwayele ukuhlala naye. Uba sesimweni sokukhetha ukuthi uyaphuma emzini kanina noma amukele u-Akhona nokumphoqa ukuthi amamukele,” kupotshoza uZenande, ojoyine lo mdlalo ngonyaka odlule.
Yize ukuduma kwakhe endimeni yokulingisa kungenxa ye-Generations, akaqalanga kuyo ukulingisa njengoba eseke wadlala emafilimini nasemidlalweni yeshashalazi.
Uthi ukuthokozela kakhulu ukulingisa le ndawo ikakhulu ngoba kunezinto afana ncamashi nazo noNoluntu.
Ukuthanda kwakhe umndeni nokuzimisela ekuphokopheleni empumelelweni yizinto athi ziyafana phakathi kukaZenande noNoluntu.
“Indlela kodwa uNoluntu aphatha ngayo abantu ayifani neze nami. Ngingumuntu onomusa nozithobile ekubeni uNoluntu engumuntu ongabakhathalele abanye abantu futhi wenza noma yini ukuthola akufunayo noma ngabe khona abahlukumezekayo ngalokho,” kusho le ntokazi eneminyaka engu-26 ubudala.
Uthi abalandeli balo mdlalo kumele bangaphuthelwa yiwo njengoba kukuningi asozoshukumisa ngakho. - INTATHELI YESOLEZWE
* I-Generations idlala ku-SABC 1, ngo-8 ebusuku, kepha kulezi zinsuku izodlala ngo-7 ebusuku ngenxa yemidlalo ye-Afcon.
|
|
Anonymous, wrote
Noluntu have to accept Akhona as her sister but Mawande have to treat both of them equal.They are both her daughters.
Showing items 1 - 1 of 1
Services
Comment Guidelines