INLSA
Unkk Nosimo Balindlela osejoyine iDA wamukelwa ngumholi waleli qembu uNkk Hellen Zille e-Eastern Cape. UNkk Balindlela ulaxaze iCope. Isithombe: Courtney Africa
OBEYILUNGU leCope, uNkk Nosimo Balindela, usehlubukele kwiDA.
“Sijabule ukwamukela uNkk Balindlela,” kusho umholi weDA, uNkk Helen Zille, esitatimendeni asithumelele abezindaba izolo.
UNkk Balindlela wesulile kwiCope nakwiNational Assembly.
Ugcwalise ifomu yobulungu ayamukele kumholi weDA, e-Eastern Cape, uMnuz Athol Trollip.
UNkk Zille uthe waqala ukumazi uNkk Balindela eminyakeni eminingi edlule, uyabazi ubuqotho bakhe.
Uthe baningi abantu baseNingizimu Afrika abanjengoNkk Balindlela, asebekhathele wuqhekeko.
Uchaze isinyathelo sikaNkk Balindela njengesomuntu ophokophelele inqubekela phambili.
UNkk Balindlela waqokwa njengoNdunankulu wase-Eastern Cape eseyilungu le-ANC kusukela ngo-2004 kuya ku-2008 ngaphambi kokuba ayekiswe yiqembu.
Kuthiwa wezwa nje ngamahlebezi esohambweni eChina ukuthi uma ebuya uyaxoshwa.
UNkk Balindlela wabe esejoyina iCope eyasungulwa ngabahlubuke kwi-ANC ngesikhathi kusuka uMnuz Thabo Mbeki esikhundleni sokuba nguMengameli.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services