Advertisement

Usesimeni esigculisayo uMandela: Maharaj

ODOKOTELA basazoqhubeka nokuhlola owayenguMengameli wakuleli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela (osesithombeni). Lokhu kushiwo yihhovisi likaMengameli izolo.

“UMandela ube nesikhathi esikahle sokuphumula ebusuku, ulale kahle,” kuqinisekisa isitatimende sikaMnuz Mac Maharaj, okhulumela ihhovisi likaMengameli Jacob Zuma.

Nelson Mandela. Credit: AP

“Usezandleni ezifanele,” usho kanje.

UMandela (94), ubengeniswe esibhedlela esisePitoli ngoMgqibelo.

Ngaleso sikhathi uMaharaj uthe njengoba eke washo phambilini, uMandela uyothola ukuhlolwa ngokwempilo okuyinto okumele yenzeke njalo kule minyaka anayo yobudala.

NgeSonto ekuseni, uMengameli Zuma uvakashele uMandela esibhedlela wamfica ezikhululekele,” kusho uMaharaj.

Uqhube wathi ihhovisi likaMengameli libonga kakhulu emiphakathini ngemiyalezo ebiduduza izihlobo nomndeni kaMandela.

“Sibonga nabezindaba nomphakathi ngokunika umndeni ithuba lokubhekana nalolu daba ngasese, nethimba lezempilo lakwazi ukwenza umsebenzi walo ngasese lingaphazanyiswa,’’ kusho uMaharaj.

SHOW ALL
Advertisement