Usethola izinsongo olaxaze i-IFP

Comment on this story
NO khumalo3 INLSA UMNUZ Zwelithini Khumalo okade engumholi we-IFP ehostela KwaMashu namanye amalungu amasha ajoyine kanye nawo kwesobunxele uNkk Mercy Gumede noNkk Thandi Madonsela. Isithombe: PATRICK MTOLO

MLUNGISI GUMEDE

OBENGUMHOLI we-IFP ehostela KwaMashu ohlubukele kwi-NFP ngoMsombuluko uMnuz Zwelithini “Fuhluza” Khumalo kuthiwa useqome ukuya ekubhaceni ngemuva kokuthola izinsongo.

Lo mholi obeyisishoshovu se-IFP kuleli hostela uphoqelekile ukuthi ashiye ikhaya lakhe eNanda ngemuva kokuhamba ehostela wayobhaca endaweni engeke idalulwe ngenhloso yokumvikela.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uKhumalo uthe impilo yakhe ibisivele isengcupheni ngoba ubesezakhele izitha eziningi eqenjini.

“Ngihlale ngithola izinsongo ezivela kubantu engingabazi bengisabisa ngokuthi ngizofa, manje ngiyabona ukuthi impilo yami ayisaphephile,” usho kanje.

UKhumalo uthe uhlale ewabikela amaphoyisa ngelezi zinsongo.

“Baningi abantu asebebulewe ehostela KwaMashu iningi labo ebeliwabikela amaphoyisa ngesimo sempilo yabo,” usho kanje.

UKhumalo uthe naye useke wahlaselwa kodwa wasinda.

Uthe ngaphambi kokuthi ajoyine i-NFP kunabalandeli be-IFP abamtshele emehlweni ukuthi akasadingeki kuleli hostela wabe esekhetha ukuzinza eNanda.

Leli phephandaba lithole ukuthi uKhumalo bekunabaholi abathile ehostela akade engahoshelani kahle nabo nokuholele ekutheni ashaywe ngesithende igama lakhe lingaphakanyiswa kwelalabo abebezomela iqembu okhethweni lokuchibiyela.

Kuthiwa uSihlalo we-IFP kuleli hostela uMnuz Mbhasobheni Biyela nguyena ophakamise amagama abantu ababili abazomela iqembu okhethweni lokuchibiyela nokuyinto engazange yehle kahle kuKhumalo.

“Abalandeli beqembu bafunziwe ukuthi kumele bavotele bani abazange banikezwe ithuba lokuthi bazikhethele bona umuntu abamfunayo,” kusho uKhumalo, wengeza ngokuthi kodwa akazange ahanjiswe ukuthi akanikwanga ithuba lokuthi angenele isikhundla sobukhansela.

Uthe ubengeke ekwazi ukubekezelela izinhlamba nokuhlukunyezwa abekuthola kozakwabo eNkatheni.

Umholi we-IFP esifundeni iTheku uMnuz Mdu Nkosi, uthe ukuhamba kukaKhumalo ngeke kuze kube nomthelela otheni.

UNkosi uthe bamfisela inhlanhla uKhumalo ekhaya lakhe elisha. Amaphoyisa asaphenya ngezinsongo zokusatshiswa kukaKhumalo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.