INTATHELI YESOLEZWE
N GEMUVA kweminyaka ecela kwengu-20 uNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Tokyo Sexwale nomkakhe, uNkk Judy Sexwale, beshadile, sebefake incwadi yesehlukaniso enkantolo.
USexwale uphumele obala ephephandabeni eliphuma ngeSonto, i Sunday Times ngencwadi yesehlukaniso ayifake enkantolo lapho efuna kuqedwe ngomshado obuzoqeda iminyaka engu-20 namuhla.
USexwale encwadini efungelwe ebhalwe ngummeli wakhe, uphika izinsolo zokuhlukumeza umkakhe nokuthi nguyena imbangela yokuchitheka komshado.
Ummeli kaSexwale, uSolwazi Billy Gundelfinger, uthe bazochaza konke enkantolo ngezizathu eziholele ekupheleni komshado.
Ngakolunye uhlangothi ummeli wenkosikazi kaSexwale, uBeverley Clark, uthe uNkk Sexwale ubefisa lolu daba lokudivosa kwabo luphathwe ngesizotha kodwa lokhu ngeke kusenzeka ngenxa yokuthi uSexwale uyenqaba bafike esivumelwaneni sokuhlukaniselana ngezimpahla ngaphandle kokufaka izinkantolo emshadweni wabo ohlanganisa amafa.
UClark uthe uJudy ukholelwa wukuthi ubudlelwano bakhe noTokyo akubona obokunekelwa izwe. ngakolunye uhlangothi uGundelfinger uthe kuyadabukisa ukuthi uJudy ahubhuza amanga athi uthola amasentshana kuTokyo.
Ngokwencwadi esenkantolo uJudy ufuna umuzi obiza u-R70million, u-R3 million wokugcwalisa ifenisha, imoto ebiza u-R1 million ezoshintshwa njalo emva kweminyaka emihlanu, bese kuba u-R150 000 zinyanga zonke ukuze azinakekele.
Bobabili bamelwe ngabameli abahlonishwayo emacaleni esehlukaniso omtakabani kuleli.
Bashada ngo-1993 ngemuva kwesikhathi eside bethandana kusukela uSexwale esadonsa eRobben Island.