isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

USexwale usezibeke emgqeni kweye-ANC

Comment on this story


no Copy of CT_tokyoS0

INLSA

Mnuz Tokyo Sexwale

UNGQONGQOSHE wezeZindlu uMnuz Tokyo Sexwale (osesithombeni) ngoMgqibelo uphumele obala ngombango oshisa phansi wokuhola i-ANC exwayisa abaholi abakhona njengamanje ethi kumele bakwamukele uma amagatsha ale nhlangano ebasusa ezikhundleni engqungqutheleni ezoba eMangaung.

USexwale okulindeleke ukuthi abange noMengameli Jacob Zuma esikhundleni sokuhola i-ANC kanjalo noMnuz Kgalema Motlanthe eMangaung, ngoDisemba uqale umkhankaso wakhe wezinsuku ezimbili e-Eastern Cape ngempelasonto.

Ekhuluma kwenye yama rally uSexwale ugxeke abaholi bezepolitiki abacabanga ukuthi bangabaholi bendabuko ngokuthi balindele ukuthi bazohlala kulezi zikhundla kuze kube ngunaphakade.

Nakuba ukuhambela kukaSexwale e-Eastern Cape bekuyingxenye yomsebenzi wakhe njengoNgqongqoshe kodwa ezinkulumeni zakhe nezingoma abezicula kucacele noma ngubani ukuthi uyakhankasa.

Umkhankaso wakhe uthole ukwesekwa ngesikhathi amanye amakhosi abaThembu ethi kade ayefuna ukuthi kube nguye ohola i-ANC.

Ekhuluma kwenye i-rally eMthatha uSwexwale uthe abaholi abakhethwa ePolokwane ngo-2007 kumele bazi ukuthi abanalo ilungelo elimile lokuthi bangaphinde babuyiselwe ezikhundleni. “Sakhethwa ePolokwane kodwa manje iyeza iMangaung, lapho isigungu esiphezulu siyoqeda umsebenzi esawukhethelwa ePolokwane,” kusho uSexwale.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.