INLSA
uMnuz Thokoza Msomi othi usezogxila emculwei wokholo njengoba esethatha umhlalaphansi emaphoyiseni. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU
THOKOZANI NDLOVU
umakadebona wephoyisa likaMasipala weTheku eselithatha umhlalaphansi lithi selizogxila ekukhiqizeni umculo wokholo, into ebelivele liyenza kusuka kudala.
UMnuz Thokoza Msomi, waseMlazi, ungumsunguli wamaqembu omculo wokholo amathathu – iChallengers, eyayishisa izikhotha phambilini, iThemba lamaKhatholika noMama Benqaba.
Kusukela ngo-2 000 le nkakha ihlela inkonzo enkulu ehlanganisa amabandla ahlukene evamise ukuba minyaka yonke ngoJulayi ejwayele ukuhanjelwa oNgqongqoshe beMinyango ehlukene yaku lesi sifundazwe.
UMsomi, oqale emaphoyiseni ngo-1980, uthe njengoba ezothatha umhlalaphansi ngonyaka ozayo usezogxila kakhulu emculweni.
“Nakuba asekhona la maqembu engawasungula kungenxa yothando lomculo njengoba bengibuye ngiphazamiseke ngenxa yomsebenzi. Manje sengizobhekana nawo ngqo umculo ngaphandle kokuphazamiseka,” kusho uMsomi.
Uthe selokhu aqala umculo esemncane njengoba noyise waze wamthengela upiyano ayelushaya zonke izinsuku uma ebuya esikoleni.
Kufika lesi sikhathi nje uMsomi usanda kukhipha i-albhamu yesihlanu yoMama Benqaba ethi, Hlomani Izikhali, ebambisene nenkosikazi yakhe, uNkk Sbongile Msomi, ocula phambili kuleliqembu.
Uthe le albhamu ihlukile kwaseke akhishwa yileli qembu njengoba iphinde ithake izingoma ezinentshumayelo.
Uthe ngesihloko sayo bashumayela ivangeli lokuthi kukhulekelwe intsha njengoba ihlaselwe yizinto eziningi njengezidakamizwa.
Kuma-albhamu aseke akhishwa yileli qembu uncoma kakhulu Udondolo, athi yiyo eyadla ubhedu neyenza waziwa ngokukhiqiza umculo osezingeni.
Amanye kwaba ethi, Wamuhle Jehova, Amandla kaJehova nethi Nansi Inqola.
Ikhono likaMsomi emculweni ligqame kakhulu eqenjini iChallengers amalungu alo okuqala asashona wonke wase epheka abanye amasha laqhubeka.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services