INLSA
ULUCKY Sefatsa wodumo loKhozi FM osejoyine iVibe FM. Lapha wathathwa ezipholele nonkosikazi wakhe uPhilisiwe, ongumfundi wezindaba zesiZulu kwa-SABC
NJENGOBA kungasensuku zatshwala iziteshi eziningi zishintshe indlela esezizosebenza ngayo, isiteshi somphakathi iVibe 94, 7 Fm sihlomule ngomsakazi obesezakhele igama kule ndima uLucky Sefatsa.
USefatsa owashiya oKhozini Fm ngemuva kokuthi abaphathi balo bemphuce uhlelo lwantambama kuthiwa usezozwakala kulesi siteshi maduze nje.
Amehlo abantu abaningi asezothi njo emisakazweni eminingi kuleli njengoba kuyaziwa ukuthi ngenyanga kaMashi iziteshi zisuke zishintsha izinhlelo futhi zishintsha nabasakazi.
IVibe 94,7 FM ezinze KwaMashu isiqalile ukwenza lolu shintsho manje njengoba abanye abasakazi bezozithola sebephelelwa izikhala uma sekushintshwa izinhlelo.
USefatsa ozongena esikhundleni sikaMlungisi ‘Professor’ Mkhize, obenza uhlelo oluqukethe uhlu lwezingoma iTop 30 okungakaqondakali ukuthi njengoba esesuka nje kulesi sihlalo kuzohlala bani.
USefatsa owayephethe uhlelo lokuhlukanisa unyaka, abaphathi wabashiya bebambe ongezansi njengoba kuyimanje esezitholele lomsebenzi nje.
Ngokusho komphathi walesi siteshi, uMnuz Lucky Dlamini, kuyintokozo kubo njengalesi siteshi ukuthola umuntu obesezakhele igama kule ndima yezokusakaza.
“Sijabule kakhulu ukuthi sithole umuntu ofana noSefatsa. Kusuka ngesikhathi kuhlukaniswa unyaka njengoba sijwayele ukubiza abasakazi abazakhela igama kuleli sabona ukuthi washiya abantu bejabule kakhulu,” kusho uDlamini.
Uthe uSefatsa uzoshayela uhlelo lwangoMgqibelo oluzongena ngo-10 kuya ku-1 emini, nozoqala ngomhlaka-18 kuyona le nyanga.
Uqhube wathi kulolu hlelo uSefatsa akazosakaza nje kuphela kodwa uzophinde afundise abasakazi abasakhula ukuthi ukuze ube nekusasa eliqhakazile kule ndima kumele wenze njani.
“USefatsa sizokwenza konke okusemandleni ukuthi abasakazi abancane bafunde kuye. Into esizoyenza kuzoba ukuthi abasakazi bahlale naye ukuze bafunde kuye kakhulu,” kusho yena.
NoSefatsa naye uhambe emazwini omphathi wakhe wathi uzimisele ukuthi athuthukise abasakazi abasakhula njengoba kukuningi azimisele ukukwenzela imisakazo yomphakathi.
“Noma besingakafinyeleli ezingxoxweni zethu neVibe kodwa kuningi okumele ngikwenzele iziteshi zomphakathi kuleli lonkana. Nami angizosakaza kuphela kodwa ngizofundisa nabanye ukuthi ukuze ufinyelele esicongweni kule ndima kumele wenzeni kanjani,” kusho uSefatsa.
Uthe lesi siteshi kuningi asekwenze naso njengoba kade esiphathele uhlelo lokuhlukanisa unyaka.
Uthi futhi kuningi nafike akubona kusona lesi siteshi wakuthanda.
USefatsa wasebenza isikhathi eside oKhozini FM, njengoba ake ashayela uhlelo lwasekuseni noSbonga Mngadi, wasuka lapho wayoshayela olwasemini nokwagcina ngokuthi anikwe olwantambama nala ashiya khona ngemuva kokuthi akhishwe kulona ngoba abalaleli abaningi babengathokozile ngalo.
|
|
SMISO, wrote
ulucky ngafunda okuningi kuye njengomsakazi,waqala esemncane okhozini wakhula nezihlelo ngendlela engithokozisayo.noshintsho ayenalo ngendlela ayesakaza ngayo.kodwa ukuthi bamuse ntambama kwase kuyidlela yokubuyisela emumva nje kwakungasadingekile.
Anonymous, wrote
Ngiyajabula lo msakazi engimkhonzile uma esebuya kule ndima yokusakaza ngoba nguyena obengigqugquzela ngezobuchwepheshe njengoba ngenza i-computer systems engineering e-dut benoSbo Mtshali ngohlelo lwabo
Phelelani, wrote
Simfisela ukuhle kodwa uSefatsa kuVibe FM. Mina ngihlala eGoli kush'ukuthi ngizophuthelwa ke. Ngithanda indlela ayenza ngayo amalink akhe - ayesezingeni eliphezulu. Ngiyawugqugquzela impela umqondo wokuthuthukisa abasakazi abasafufusa!!!
ERICK XABA, wrote
Menzi, wrote
Mhleli I personally think that, Lucky Sefatsi did the right thing to leave U Khozi FM. He was not a favourite to many people yet he wanted to host a show with many listners in the country. Secondly; he had reached the roof, as a person you need new challenges and must be influence somewhere. So if he was no longer influential okhozini - we wish him goodluck. He was good.
Showing items 1 - 5 of 5
Services
Comment Guidelines