INLSA
USGQEMEZA othi usebeke izinkinga zakhe emkhulekweni njengoba kwenzeka izinto angaziqondi kulezi zinsuku
MBALI KHANYILE
USEZIMISELE ngokuthatha umsakazi woKhozi FM othi usebuyisele impilo yakhe kuNkulunkulu ngenxa yokungahambi kahle kwezinto empilweni.
USipho “Sgqemeza” Mbatha oshayela uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku iWoza Nabangani Bakho kusukela ngo-3 kuya ku-6, uthi usephila impilo eqondile njengoba esayeka nokuphuza utshwala.
Uthe ukushadelwa yiyona nto esibusa umqondo wakhe manje yize esabhekene nengwadla yokuthi akakabi naye umuntu wesifazane asefuna ukumfaka indandatho.
“Inkinga yami wukuthi abantu besifazane engihlangana nabo ngobudlelwano bezothando abawuqondisisi umsebenzi wami njengoba ungihambisa ngaso sonke isikhathi. Lokhu kuholela ekutheni ubudlelwane bami nabo buxege futhi bese busheshe buphele,” kuzikhalela lo msakazi.
Esibekela ukuthi ngumuntu wesifazane onjani ongashanela emagcekeni akwaMbatha, uthe udinga owesifazane othobekile futhi ohloniphayo.
“Ngidinga umuntu ozokwazi nokuqonda umsebenzi engiwenzayo ukuthi uyangihambisa. Yize sengibuyekile utshwala kodwa angizibophezele ekutheni ngithole umuntu ongaphuzi kepha kumele aphuze ngendlela ehlelekile,” kusho uSgqemeza.
Echaza ngobudlelwane bakhe noNkulunkulu uthe usehlezi eya ezinkonzweni njalo ngeSonto uma engasebenzi.
“Ngikholwa wukuthi ukuzisondeza kuNkulunkulu kusongisiza kakhulu ekutheni ngikwazi ukumelana nanoma yisiphi isimo esinzima engihlangabezana naso, yingakho ngiqoke ukuzisondeza kuMdali,” kusho uSgqemeza.
Lo msakazi wenqabile ukuligagula igama lebandla asonta kulona ngesizathu sokuthi ukhonza ezindaweni ezahlekune njengoba engumuntu ongahlali esendaweni eyodwa ngenxa yokuba matasa kwakhe.
Echaza ngezinhlelo amatasa ngazo kulo nyaka uthe ugxile kakhulu emabhizinisini akhe okubalwa kuwo iLady Bees eseThekwini okuyibhizinisi lokudayisa imikhiqizo yezinwele ezixhunywayo zabesifazane nebhizinisi lokuhlanza iMbatha PS Cleaning and Gardening Service elisoLundi.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services