Gallo Images
UKUDIDEKA kuhlale obala kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ngesikhathi ekhipha u-Abia Nale yize kade edlala kangcono ezakhe zibhaxabulwa yiMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN 8. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
Ebika eseGoli
IBHOLA eliyinhlakanhlaka elidlalwe wudonga lwasemuva lweKaizer Chiefs lishaqise uStuart Baxter opheka leli qembu osekuphele iminyaka emibili leqiwa yizicoco libhekile.
Ukuhuqa ubuthongo kodonga lwasemuva lweChiefs kuholele ekutheni iZimpofana zithelwe umpentshisi ngo 4-1 yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 eLoftus Stadium, ngempelasonto.
“Ingithusile indlela esivimbe ngayo amakhona nama-free kick. Amagoli eSundowns amaningi angene cishe ngendlela eyodwa. Uma ungabuza noma yimiphu umqeqeshi oshaywe ngo 4-0 ukuthi ukhathazekile yini uzovuma uma eneqiniso ngoba akumnandi ukushaywa ngale ndlela. ISundowns ithumele amabhola ayingozi ebhokisini futhi sihlulekile wukuwavala, yasihlawulisa,” kusho uBaxter.
U-Eric “Tower” Mathoho akazange axhumane kahle noMorgan Gould odongeni lwasemuva lweChiefs. Abafana Bes’tayela bavele baluhlikiza baluqeda udonga lweChiefs kwacaca ukuthi izothelwa ngehlazo elikhulu.
“ISundowns isihlakaze kalula esiswini kanti phambili ibishesha okwenze sabhekana nenkinga. IChiefs ibiqala ukuhlakazwa ngale ndlela ehlakazwe ngayo selokhu ngifikile kuleli. Umdlalo usilahlekele kodwa ngicabanga ukuthi sizamile ngesiwombe sesibili. Besenza kancane uma sihlasela, obekwenza singabi yingozi. Ukuzethemba kwethu bekuphansi kakhulu,” kusho uBaxter.
IChiefs ibithwelwe ngeqoma kulo mdlalo kwazise ayiyibheki iSundowns emidlalweni yemikhumulajezi.
Amakhosi yiwona aphethe izicoco eziningi emlandweni weMTN 8. EzikaKaizer Motaung sezisinqobe izikhawu ezingu-14 lesi sicoco kusukela sasungulwa ngo-1972.
“Siqalile salahlekelwa wukubekezela sesifuna ukushaya elokulinganisa. Lokhu kwenze savuleka emuva. Kumele silungise inkinga esibhekene nayo yokuhluleka wukuvimba amakhona nama-free kick ngokuthi sisebenze ngokubambisana,” kusho uBaxter.
Ngesizini edlule iZimpofana ziguqiswe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 kowamanqamu alo mqhudelwano.
“UGaxa uyile kohlolwa ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo sathola ukuthi uwulungele umdlalo. UJimmy bekuthiwa uzohlala izinsuku ezingu-15 kodwa ezinsukwini ezintathu ngaphambi komdlalo ubeziqeqesha neqembu ngokugcwele,” kusho uBaxter.
Emdlalweni wawo wokuqala we-PSL Amakhosi azozwana amandla naMaZulu eMoses Mabhida Stadium.
“Emva kokushaywa ngembudlu yamagoli abadlali bami bahlalelwe wumqansa wokuvuka bazithathe emdlalweni olandelayo,” kusho uBaxter.
Khonamanjalo ukaputeni weChiefs u-Itumeleng Khune usexolisile ngokushaywa kwabo yiSundowns ngo 4-1.
“Abadlali baphoxekile nabo njengabalandeli ngalo mphumela. Ngithanda ukuxolisa kubalandeli bethu abahlale bewa bevuka nathi. Baphume ngobuningi babo ukuzokweseka iqembu futhi kumele sibathobe amanxeba kuqala ngomdlalo waMaZulu,” kusho ku-website yeChiefs.
“Siyazi ukuthi kulindelekeni kithina, kufanele sivuke sizithathe.”
Imidlalo yePremiership ngempelasonto imi kanje:
NgoLwesihlanu: Ajax Cape Town v SuperSport United (Cape Town Stadium, 8pm), Orlando Pirates v Golden Arrows (Orlando Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Black Leopards v Bloem Celtic (Peter Mokaba Stadium, 3pm), Free State Stars v Bidvest Wits (Goble Park, 3pm), AmaZulu v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida Stadium, 6pm), Mamelodi Sundowns v Chippa United (Lucas Moripe, 8.15pm)
NgeSonto: University of Pretoria v Maritzburg United (Tuks Stadium, 3pm), Platinum Stars v Moroka Swallows (Royal Bafokeng Sports, 3pm).
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services