Ushaye ingwiji ngempi uButhelezi

Comment on this story
no Buthe1 INLSA UCHRISTOPHER Buthelezi ngemuva kokuthatha ibhande eqeda ukunqoba impi ebiKwaMashu Indoor Sports Centre. Isithombe: NKOSIKHONA MCHUNU

ZAKHELE XABA

UPHENDUKELE uphromotha wakhe esiswini umpetha waKwaZulu-Natal enqaba imbangi okufanele avikele kuyo isicoco.

Isolezwe lithole ukuthi akukho ukuvumelana phakathi kukaChristopher “Put Up or Shut Up” Buthelezi noThulani Magudulela ongumphathi weLudonga Boxing Promotions emhlelela izimpi ngembangi okufanele abhekane nayo ngo-Agasti 18.

Kuthiwa uMagudulela ubeseqede konke nekhona likaMakhosonke Zwengu ukuthi abhekane noButhelezi ongumpetha we-SA middleweight kodwa lo mshayisibhakela waseNquthu washaya phansi ngonyawo wathi ufuna uPeter Mashamaite waseLimpopo.

Sekunesikhathi uMagudulela ezama ukugwema uMashamaite abamfunzwe yiBoxing South Africa (BSA) okusolakala ukuthi uyamesaba. UMashamaite wayevele eqokwe ngumqeqeshi wakhe uNick “Mthakathi” Durandt ayezomsebenzisa etulweni lokwephuca iKwaZulu-Natal izicoco zakuleli. Lokhu kuqine ngesikhathi kuvela ukuthi usebenza ngokuzwana nelungu lebhodi yeBSA uDumile Mateza osanda kulaxaza isikhundla sakhe. Ukuhamba kukaMateza kwenze uMagudulela wakhululeka wazitshela ukuthi aphume nobovu futhi sebezokwazi ukuthola imbangi ababevele benqatshelwe nguMateza ukuvikela kuyo isicoco. Nokho kuse ngokunye ngesikhathi uButhelezi emtshela ukuthi akazimisele ukungena eringini noZwengu kodwa ufuna uMashamaite ukuze kuphele ukukhuluma.

“Uthi akamfuni uZwengu, nami ngivele ngaphelelwa ngamazwi. Kade sekusele ukuthi kusayinwe izinkontileka kuphela,” kusho uMagudulela.

“Ngizamile ukumbonisa ukuthi isicoco ngeseKZN yonke, akusona esakhe kuphela, uma kwenzeka silahleka kuyoba nzima kodwa ulokhu ephikelele ethi ngeke ajime kangaka ejimela uZwengu. Ufuna uMashamaite ukuze kuphele ukukhuluma.”

Akubuzwa ukuthi lokhu kuzoba yizindaba ezimnandi kuDurandt owalimisa ngesihloko elokuthi uzozilanda lezi zicoco ngabashayisibhakela bakhe. Esinye isicoco asasifuna ngese-SA heavyweight esiphethwe nguWiseman “Sabalutho” Dlomo waseNewlands. UDurandt neBSA bafuna abhekane no-Anton Nel asinqoba kuyena nyakenye.

UButhelezi uthe: “Ngifuna uMashamaite ngiqede ngaye. Angikaze ngisho ukuthi ngiyamesaba nokuthi angifuni ukulwa naye. Sekuyisikhathi sokuthi ashaywe manje.”

Yize kunzima kuMagudulela ukuyivuma le mpi kodwa uthe uzithole sekufanele ehlele ngezansi ngoba uButhelezi usevumelene nomqeqeshi wakhe uZwi Magudulela futhi uyazethemba ukuthi uzosivikela isicoco ku-Mashamaite ayejima naye besaphekwa nguDurandt eminyakeni edlule.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.