MTHOKOZISI MNCUSENI
KUMELE ukuthi bayaqhaqhazela abeFrance uma becabanga ngobungozi obulethwa wu-Andriy Shevchenko ongukaputeni we-Ukraine abazobhekana nayo namuhla koka-Group D we-Euro 2012, e-Donbass Arena, ngo-6 ntambama.
Okungenza bangenwe ngamanzi emadolweni abeFrance yindlela uShevchenko akhombise ngayo ubuqhawe ethwala i-Ukraine eyedwa eyibuyisa ilandela ngemuva ngo 1-0 kwiSweden.
Kulo mdlalo i-Ukraine ishaye iSweden ngo 2-1 kodwa okucacile kuwona ukuthi yonke iminyakazo yaleli lizwe (Ukraine), elisingethe le midlalo ngokubambisana nePoland, izungeza kulo kaputeni.
Kuze kube yimanje iFrance isadlale ne-England kuphela lapho bebambane khona ngo 1-1 kodwa kucacile futhi ukuthi yize (iFrance) inabadlali abahle uma kuyiwa phambili kodwa emuva inokuvuza okungaba yizindaba ezimnandi kuShevchenko osefomini emangalisayo kulezi zinsuku.
Ukwesaba uShevchenko kuvezwe wuMathieu Debuchy odlala emuva kuFrance ozwakalise ukuthi nakuba bewulungele umdlalo kodwa akufanele nakancane benze iphutha lokumkhohlwa lo mdlali oseke waqokwa kuBallon d’Or.
during the UEFA EURO 2012 group D match between Ukraine and Sweden at The Olympic Stadium on June 11, 2012 in Kiev, Ukraine.
Getty Images
“Usefomini emangalisayo futhi uma singamkhohlwa sizozisola. Unekhono lokushaya igoli ngisho ngabe umpintsheke kanjani, ngakho udinga ukuqashwa ngaso sonke isikhathi,” kusho lo mdlali ekuqaphela nokuthi kuzokuba yinkinga kangakanani ukudlala ne-Ukraine yesekwa yizinkumbi zabalandeli bayo.
Umqeqeshi weFrance uLaurent Blanc uzwakalise ukwenama ngendlela uDebuchy adlala ngayo ngokuhlangana noSamir Nasri okunguyena oshayele leli qembu lesizwe igoli lokulinganisa bebhekene ne-England.
“Ngiyayithanda indlela abaxhumana ngayo uma besenkundleni. Benza umsebenzi wami ube lula kakhulu. Njengoba ngilinyalelwe uBacaray (Sagna) noLoic (Remy) ngaphambi komqhudelwano, ukhombise ukuthi ngeke zibe khona izinkinga ebengizitshela ukuthi ngizokuba nazo emdlalweni wokuqala,” kusho uBlanc.
Nakuba siye koshicilela ingakadlalwa eyayizolo ka-Group C, kuGroup B, iGermany inqobe ngo 2-1 kwiNetherlands kwathi iPortugal yashaya iDenmark ngo 3-2.
Olunye ulwazi: Euro.com
AMA-LOG E-EURO 2012 AMI KANJE:
Group A
Amaqembu P W D L Pts
Russia 2 1 1 0 4
Czech 2 1 0 1 3
Poland 2 0 2 0 2
Greece 2 0 1 1 1
Group B
Amaqembu P W D L Pts
Germany 2 2 0 0 6
Portugal 2 1 0 1 3
Denmark 2 1 0 1 3
Netherlands 2 0 0 2 0
Group C
Amaqembu P W D L Pts
Croatia 1 1 0 0 3
Italy 1 0 1 0 1
Spain 1 0 1 0 1
R. Ireland 1 0 0 1 0
Group D
Amaqembu P W D L Pts
Ukraine 1 1 0 0 3
England 1 0 1 0 1
France 1 0 1 0 1
Sweden 1 0 0 1 0
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services