Goitsemang Tlhabye
NGOSUKU obekumele kuvele ngalo abasolwa abasele ecaleni lokubulawa kukakhomanda wesiyingi saseJohannesburg, uMajor-General Tirhani Maswanganyi eNkantolo eNkulu ePretoria, kushone inkosikazi yakhe engozini yemoto ngoMsombuluko ekuseni.
Okhulumela iSouth African Police Service, uLieutenant Colonel Katlego Mogale, ukuqinisekisile ukuthi uShareen Maswanganyi ubehamba nodadewabo namadodakazi amabili kuR101 ePitoli ngesikhathi kwehla ingozi.
“Esikwaziyo okwamanje wukuthi ubeshayela imoto yakhe yaphaphalaza yashayisa isihlahla ebesiseceleni komgwaqo. Abathathu abehamba nabo baphuthunyiswe esibhedlela besesimeni esibucayi kodwa baya ngokuba ngcono,” usho kanje.
“Okwamanje yilokho esikuzwile ngabanye endaweni okwenzeke kuyo ingozi kodwa uphenyo lusaqhubeka,” kusho uMogale.
Amaphoyisa ahlulekile wukuthola ukuthi ngabe lo mndeni wehlelwa yingozi nje ngalesiya sikhathi, ngabe bewubabele kuphi.
Phambilini abathathu kwabayisithupha abasolwa ngokubulala uMaswanganyi, ngoMnuz Oupa Hlalele (38), Nditsheni Nefolovhodwa (39), noRoger Moseki (40), umbuso ubakhiphe phambili ngenxa yokungahlangani kobufakazi obubahlanganisa naleli cala.
Abasolwa abasele kuleli cala ngoMnuz Isaac Vele (31), Tshepo Mosai (31) noSimon Msibi 52, bekumele bavele ngecala lokubulala, elokuthumba nelokushaya lo sigaxamabhande kodwa icala liphinde lahlehliselwa uSepthemba 7.
UMaswanganyi watholakala ebulewe enkundleni eseduze neHammanskraal, enyakatho yePitoli, eboshwe izandla nezinyawo ngoJuni, 17 2013. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba amaphoyisa eqale ukumthungatha kukade kutholakale iveni yakhe i-Isuzu lishiywe esigangeni kuR101.