Advertisement
logoSections

Ushonele esibhedlela odutshulwe yiphoyisa

NONTUTHUKO NGUBANE

Ebika eseMgungundlovu

ushonele esibhedlela umfana (15) odutshulwe yiphoyisa lesifazane ngoba limsola ukuthi ufuna ukuduna imoto yalo ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mfana (Isolezwe elinalo igama lakhe) ungeniswe esibhedlela saseMgungundlovu i-Edendale ngawo uMgqibelo ebusuku elimele kanzima. Kukholakala ukuthi udutshulwe ekhanda inhlamvu yaphuma ehlweni.

Ngokombiko lo mfana ubehamba ngemoto i-Golf emhlophe bude buduze nalesi sibhedlela, elokhu elandela leli phoyisa nelisole ukuthi ufuna ukuduna imoto yalo lase likhipha isibhamu lamdubula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uvumile ukuthi kukhona udaba lwalo mfana oluphenywayo ngamaphoyisa.

“Mabili amacala avuliwe – elokuqala elokuzama ukuduna imoto elivulwe yiphoyisa, elesibili ngelokuzama ukubulala ngoba ngesikhathi sesehlakalo akekho ofile. Besingakalutholi uhlangothi lodutshuliwe ngoba ubelimele kakhulu,” kusho uZwane.

Isolezwe lihabule lezi zindaba zokulimala kanzima kwalo mfana lanikela khona esibhedlela i-Edendale lafika eseshonile.

Umndeni womfana awutholakalanga njengoba ubehamba yedwa emotweni abeyishayela futhi imininingwane yakhe ingacacile kwazise akukho ngisho nezincwadi zokushayela ezitholakalile emotweni abeyishayela.

Okhulumela lesi sibhedlela, uNksz Samke Mncube, uthe abakwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba bebengakaxhumani nemindeni ethintekayo kulolu daba.

Amaphoyisa ase-Plessislaer yiwona aphenya ngaleli cala.

SHOW ALL
Advertisement