MTHOKOZISI MNCUSENI
noMBONGISENI BUTHELEZI
U SIHLALO weChippa United engomakoti be-Absa Premiership uSiviwe “Chippa” Mpengesi wenze obekungalindelekile ngesikhathi edalula ukuthi ngeke azixake ngokuthola umqeqeshi omusha ngoba esengene lapho kunoju khona kodwa uzoqhubeka noRoger Sikhakhane.
UMpengesi utshele Isolezwe izolo ukuthi akayena umuntu osheshe akhohlwe lapho ephuma khona ngakho-ke ngeke amane alaxaze uSikhakhane ekubeni kunguyena omfake ezweni lesethembiso.
“Ngeneme ngendlela enze ngayo kusukela ethathe izintambo kuProfessor (Mlungisi Ngubane). Uyayazi indlela esenza ngayo izinto ngakho angiboni ezokuba nenkinga uma sesidlala esigabeni esikhulu. Kuliqiniso khona ukuthi izinto ngeke zifane kodwa asikho isidingo sokumdedela ngingabonile ukuthi angasenzelani ku-Premiership,” kusho uMpengesi obuye waqinisekisa ukuthi lo mqeqeshi usayiniswe inkontileka yesizini eyodwa.
Nakuba lesi sikhulu singakufihli ukuthi asikakholwa ukuthi iqembu laso siqophe umlando ngokufika esigabeni esiphezulu eminyakeni emibili kuphela labunjwa kodwa siyakhala ngokuthi sizophoqeleka ukuthi sidedele abadlali abathile abebekhona eqenjini kusukela phansi.
“Kubuhlungu ukuthi kunabadlali okuzofanele sibadedele kodwa ngethemba ukuthi bayazi ukuthi ebholeni vele kunjalo. Kunabadlali abahle futhi abaziwayo esixoxa nabo ngenhloso yokuqinisa iqembu ukuze sihlale esigabeni esikhulu. Lokhu kusiphoqa ukuthi kube khona esizobadedela ukuze sivule izikhala kodwa nakhona ababaningi,” kuqhuba lesi sikhulu.
Siveze nokuthi bakhona nabaxhasi esixoxa nabo kodwa ngeke sibadalule okwamanje ngoba izingxoxo azikapheli. Leli qembu selihlukane noRoscoe Pietersen owenze izimanga kule sizini. Usengumdlali weSuperSport United.
Umdlalo wokuvula isizini weChippa izowugijima neMamelodi Sundowns ebophele lonke ubisi lwabadlali ongalucabanga.
Ukaputeni waleli qembu uGift Sithole ugcizelela ukuthi abezile ukuzosinisa amahleza ku-Absa Premiership kodwa bafuna ukukhombisa ukuthi bangakwazi ukuyibamba ishisa kuleli zinga.
“Asikho lapha kule ligi engenkulu kangaka e-Afrika ukuzovakasha kodwa sizohlala sizinze. Ukuthi sinqobe amaPlay-Offs bekuyisiqalo nje kusekukhulu kuyeza,” kusho uSithole.
Uthe: “Sesikudlulisile ukujabulela ukufika ku-Absa Premiership kodwa sesibheke ukuzilungiselela isizini entsha. Abantu bazobona ofishi abancane bedla abakhulu.”
Uchaze isizini abaphuma kuyona kuNational First Division (NFD) nebingelula.
“Abadlali bethu bebesebancane besuka kuVodacom League. Bekunzima impela njengoba singaqalanga kahle kodwa sabuya imidlalo isiphakathi. Bengilokhu ngibakhuthaza njalo njengokaputeni ukuthi basebenze kanzima, manje ngijabulile ngoba siphumelele,” kusho uSithole.