NONTUTHUKO NGUBANE
A maphoyisa ayiqaphe ngeso lokhozi esibhedlela indoda yasehostela laseMlazi iGlebelands emuva kokuthi kuthiwa ihlaselwe ngamadoda abefuna “ukuyiqedela” esibhedlela.
UMnuz Mbuyiseni “Maseveni” Maduna, owasinda ngokulambisa edutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu eziyisithupha ngoJuni 11 ehostela, uphinde waphunyuka ngoMgqibelo sekugasela abantu esibhedlela iPrince Mshinyeni Memorial, eMlazi, okusolwa ukuthi bebezomqedela.
UMaduna wadutshulwa eseduze kwendlu yakhe kuBlock O ehostela elungiselela ukuya emsebenzini.
Kuthiwa ngoMgqibelo kugasele amadoda abehamba ngemoto yomunye osolwa ngokuqotha abantu ehostela, naye okuthiwa ubekhona.
UMaduna, okhulume ne Solezwe izolo, uqinisekisile ukuthi ubalekiselwe kwesinye isibhedlela emuva kokubonakala kwamadoda “abezomqedela”.
“Ngangisakhishiwe egumbini ebengilele kulo esibhedlela saseMshiyeni. Ngayibona imoto yomunye wasehostela owaziwayo ngokuhlasela. ubehamba namanye amadoda asolisayo. Abakwazanga ukungibona ngoba ngabaleka ngayocasha. Namhlanje (izolo) ngikhishiwe ngayiswa kwesinye isibhedlela lapho ngigadwe khona ngamaphoyisa. Ngiyayisabela kakhulu impilo yami njengoba bengilandela befuna ukuzongiqedela,” kusho uMaduna.
Akukhona okokuqala uMaduna ephunyuka. ngonyaka odlule wahlaselwa ehlezi nenye indoda ( Isolezwe elinalo igama layo kodwa engeke idalulwe ngenxa yohlelo lokuvikela ofakazi), ebingufakazi ecaleni lokuzama ukubulala ehostela noMnuz Sipho Ndovela owadutshulwa ngaphandle kwenkantolo.
OMnuz Bongani Hlophe, Mnuz Fezile Mbadu, Mnuz Innocent Zoro Jali noMnuz Lucas Nsampa Ndlovu asebeke bavela enkantolo ngecala lokuzama ukubulala lango-2014. Icala lihlehliselwe uJulayi.
UNdovela wayengomunye wofakazi kuleli cala nelinye lokubulawa komngani wakhe, uMnuz Fikile Siyephu, wase-Eastern Cape nakwamanye ezigameko zokubulawa kwabantu ehostela.
“Kusukela ngonyaka odlule ngiyahlaselwa ngabantu engingabazi. Angazi ukuthi kungani kukhona abafuna ukungibulala. Mina ngiyazisebenzela, angingene embangweni wasehostela ngoba angazi nokuthi ngowani. Kumanje nginamanxeba ayisithupha okudutshulwa emzimbeni. Ngisazama ukululama kodwa balokhu besemhlane wami bafuna ukungiqedela,” kusho uMaduna.
Amaphoyisa aliqinisekisile icala lokuzama ukubulala elavulwa eMlazi.
Elokuzama ukumhlasela esesibhedlela alizange livulwe ngoba uMaduna engalivulanga ngokusemthethweni.
Kusanda kudutshulwa uMnuz Themba Mpine (45) waseMatatiele washona eyongena lapho esebenza khona. Naye ubehlala kuleli hostela.
Udlame olukhungethe ihostela luyaqhubeka kanti nabantu sebehamba bethuka izanya kule ndawo.
Isolezwe labika ngokuthi abanye abantu abasakwazi ukuya emsebenzini ngenxa yovalo, besaba khona ukuhlaselwa.
Abanye bahlaselwa uma sebebuya emsebenzini.
Yize sekuhlala kugcwele amaphoyisa kule ndawo emisa abantu nezimoto, ukuze aseshe esangweni kodwa abantu basabulawa.
Udlame kuthiwa luqale ngesikhathi kulethwa intuthuko ehostela kwabe sekudayiswa izindawo zokuhlala kwalethwa abantu abangakaze bahlale kulona.
UMaduna uthe uyophuma eyisidumbu ehostela ngoba engazimisele ukushiya indlu yakhe.
“Uma ngiphuma esibhedlela ngizobuyela endlini yami ehostela. Ngeke ngibalekele abantu engingabazi. Ngiyofela khona uma befuna ukungibulala. Sengineminyaka engaphezu kwengu-20 ngihlala ehostela. Besingenazo lezi zinkinga esezikhona manje. Kuyacaca ukuthi le nkinga yokubulawa kwabantu ifike nabantu abasanda kufika ehostela,” kusho uMaduna.
Asebebulewe kulo nyaka:
1. Fikile Siyephu 2. Fikile Njumbile 3. Thulani Kati 4. Siniko Ncayiyane 5. Phumlani
Ndlovu 6. Simeko Ndlela 7. Sipho Ndovela (owabulawa esenkantolo), 8.
Sphamandla Hlongwane (owabulawa emi nomngani wakhe), 9. Bongani Khathi (obulawe
ephuma emsebenzini) 10. Mthimkhulu (obulawe ephuma emsebenzini) 11. Dlamini
(umshayeli wetekisi) 12. Themba Mpine.