Usinde kukubi kuqothwa amaphoyisa

Comment on this story
no crimes SHAN PILLAY IZIGEBENGU ezidubule amaphoyisa amabili kwafa elilodwa zishiye imoto yazo esidlangalaleni eHowick zabaleka ngezinyawo. Le moto itholwa ihamba lezi zigebengu nje bese kunesikhathi ifunwa ngamaphoyisa ngoba ithinteka ezigamekweni zobugebengu. Isithombe: SHAN PILLAY

NONTUTHUKO NGUBANE noBAWINILE NGCOBO

LISADIDEKILE ukuthi lisinde kanjani iphoyisa lophiko lwezinja iK9 eMountain Rise esehlakalweni sokuhlaselwa lapho kugcine ngokuthi kufe uzakwabo eMidmar Dam eHowick izolo.

UConstable Livingstone Mpangase (40) udubuleke ekhanda nasemlenzeni kulesi sehlakalo kwathi uzakwabo uConstable Vidhur Jadoo (30) wadutshulwa washona.

Womabili la maphoyisa abesebenza eMountain Rise. Abasolwa abazange batholakale njengoba bebalekile.

“Ngiyabonga ngoba ngisindile kodwa ngiphatheke kabuhlungu ngozakwethu obese kuphele iminyaka emine sisebenza naye. Ubezilungele futhi ezithulela. Besisizana ngaso sonke isikhathi emsebenzini,” kusho uMpangase kafushane.

Leli phoyisa belingavumelekile ukukhuluma ngalesi sigameko nabezindaba ngoba bekusatshwa ukuthi kungaphazamiseka uphenyo oluqhubekayo.

Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Vincent Mdunge uthe la maphoyisa adutshulwe ngesikhathi eye endaweni abebizwe kuyona kuthiwa kubanjwa inkunzi.

Kuthiwa bekuyizithuba zawo-2.15 entathakusa ngesikhathi kubonakala imoto ebisolisa inabantu abahlanu abebehamba ngayo.

“Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo abebesemotweni badubule bebhekise kuwona. Kudubuleke amaphoyisa amabili alimala,” kusho uMdunge.

Uthe abe esethathwa ayiswa esibhedlela, elilodwa kuwona lafike lashona kanti elinye lisesimeni esibucayi esibhedlela.

Emuva kwalesi sigameko kutholakale iveni iColt ishiywe kanjalo, kukhona isibhamu ngaphakathi kuyona neziqhumane ezingu-14 nesando.

Le moto itholwa nje kuvele ukuthi ibivele ifunwa ngamaphoyisa njengoba ithinteka ezigamekweni zokuqhumisa imishini yokukhipha imali kuleliya dolobha.

Ukhomishana wamapho-yisa eKZN uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni obevakashele imindeni yamaphoyisa uthe ngeke bazibekezelele ukubulawa kwamaphoyisa ngalolu hlobo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.