S ISINDE ngokulambisa isaguga esinebala elimhlophe esiphunyuke ezandleni zowesilisa obesihlasela, okusolakala ukuthi bekuyimizamo yokusibulala ngenhloso yokuthola izicubu zaso.
UNkk Mantombi Shezi (70) wakwa-G eMlaza, elandisa Isolezwe ngokuphunyuka kwakhe emlonyeni wengwenya uthe: “Lo muntu wangena ngizibukela ithelevishini, wangakhuluma lutho wangidumela engivala umlomo namehlo engidonsa. Ngathi ngiyakhala kwanhlanga zimuka nomoya engivala ngomcamelo,” kusho uNkk Shezi.
Lesi saguga esihlala nendodana yaso eyayingekho ngesikhathi kwenzeka isigameko, sithi sisola ukuthi bekufunwa izicubu zaso.
Ngeke ngize ngazi ngoba thina esiphila naleli bala siyazingelwa, vele bafuna ukugila imikhuba ngezicubu zethu. Ngumuntu onjani kodwa osukela isalukazi esingenamandla asihlasele ebe eyinsizwa yena,’’ kubalisa uNkk Shezi kwehla izinyembezi.
Uthi waze wasizwa wukulwa naye owesilisa, wamphusha wayowela phansi, waphuma wabaleka wamemeza omakhelwane, wabaleka owesilisa, kwasala isigqoko sakhe khona endlini.
Uqhube wathi ubonga uNkulunkulu ngokuthi namanje usaphila kodwa usathuka izanya.
“Ngisabona namanje sengathi kudlala ifilimu engqondweni yami, ngibonga ongiphe amandla ngamdudula lo muntu ngathola intuba yokuphuma,’’ kulandisa uNkk Shezi.
Ikhansela lendawo uMnuz Sthenjwa Nyawose linxuse umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukubamba lo msolwa.
“Yimbi le nto eyenzekile. Ngicela silekelelane kubanjwe lesi sigilamkhuba sibhekane nengalo yomthetho ngoba izigameko ezinje ngeke sizibekezelele singabaholi bomphakathi,” kusho uNyawose.
Umsunguli wenhlangano iMasiqoqane Albinism Foundation elwa nokubulawa kwabebala elimhlophe, u-Andile Ngcobo naye ophila naleli bala, ongumsakazi weZwi Lomzansi, usigxeke kakhulu lesi senzo wathi simfikisela izinyembezi.
“Kuyinto embi uma kusekhona abantu abasacabanga ukuthi kumele sibulawe. Ngiyacela amaphoyisa amzingele lo mlisa, ambambe ukuze kwenzeke ubulungiswa. Ngiyazwelana nogogo. Siyabonga ukuthi usindile,” kusho uNgcobo ezwakala ukuthi uphatheke kabi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe livuliwe icala, kusaphenywa akukaboshwa muntu.
“Amaphoyiisa aphenya icala lokuphanga njengoba kuthathwe neselula. Sicela umphakathi uwabike amacala emaphoyiseni bese ubambisana nawo,” kunxusa uZwane.