Advertisement
X

Usindiswe ngamaphoyisa ‘umdlwenguli’

NOKUBONGWA PHENYANE

Ebika eNew Hanover

Abantu abadala bebephume ngobuningi babo ecaleni losolwa ngokudlwengulq ugogo kubuka abazukulu. Umsolwa ubevela enkantolo yaseNew Hanover izolo.Izithombe: PATRICK MTOLO. Credit: INLSA

KUSIZE ukuba khona kwamaphoyisa besho ukulidla balifele ibhungu elisolwa ngokudlwengula ugogo oneminyaka engu-94 endaweni yakwaSwayimane.

Izolo umphakathi wakule ndawo utheleke ngamatekisi wagcwala enkantolo yeMantshi eNew Hanover lapho bekuvela khona uKhulekani Ndlela (28), obhekene namacala amabili elokugqekeza ngenhloso yokudlwengula nelokunukubeza ngokocansi.

Lo mlisa kuthiwa ngoMgqibelo ebusuku wagqekeza emzini walo gogo wafika wamdlwengula elele nabazukulu bakhe ababili.

Umphakathi nabantu abadala obekukhona kubo nogogo bagcwale inkantolo bekhuza iziqubulo, bephethe izingqwembe ebezibhalwe ukuthi umsolwa angayitholi ibheyili.

Ngaphakathi enkantolo ngesikhathi engena umsolwa ubembozwe ubuso ukuze abezindaba bangamthwebuli izithombe. Kube nokuhhumuzela abanye bechapha inhlamba ngesenzo sakhe esifaniswe nobulwane.

Umshushisi, uMnuz Jabulani Maphumulo, uthe akumele umsolwa anikezwe ibheyili ngenxa yesigameko asenzile.

“Inkanto-lo kumele kube yinto engamele nakancane ize iyicabange ukunikeza umsolwa ibheyili njengoba eyingozi emphakathini futhi ngisho angaphumela ngaphandle impilo yakhe ingaba sengcupheni,” kusho uMaphumulo.

IMantshi, uNkk Virushka Jamuna, ithe ngenxa yezizathu ezibekwa ngumshushisi futhi ezizwakalayo, uNdlela uzohlala ezitokisini.

Leli cala libe selihlehliselwa u-Agasti 3, nalapho kuyobe sekuzwakala ukuthi uyayithola ibheyili noma cha.

Izinhlangano ezikumfelandawonye oholwa i-ANC, okukhona kuzo iCosatu, SACP, ANCYL ne-ANCWL ziphelezelwa nguNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Weziwe Thusi nazo bezikhona.

UNkk Thusi uthe kumele nakanjani kuzame ukuvikelwa abantu abadala emphakathini.

UNkk Julia Hadebe (67), onguma-khelwane walo gogo uthe sebehlala ngokwesaba ngemuva kwalesi sigameko.

“Sengihlala emizini yabantu njengoba nami ngihlala nabazukulu nje. Sicela uhulumeni angalinge amdedele lo mfana ngoba asisamfuni nathi emphakathini,” kusho uNkk Hadebe.

SHOW ALL
Advertisement