USithole usecula elinye iculo ngoSutcliffe

Comment on this story
no Copy of nm msutcliffe2 (30257115) Independent Newspapers MICHAEL Sutcliffe

INTATHELI YESOLEZWE

ISIKHOMBISE ukuzehlisa iMenenja yeTheku, uMnuz Sibusiso Sithole, njengoba ibonakala izimisele ngokulungisa ubudlelwano bayo naloyo owayekulesi sikhundla ngaphambilini, uDkt Michael Sutcliffe.

USutcliffe wafaka isimangalo sokunxeshezelwa nguSithole ngo-R10.5 million.

Uma kungase kufinyelelwe esivumelelweni sangaphandle kwenkantolo mancane amathuba okuthi le mali igcine ikhokhwe abakhokhi bentela eThekwini.

Ekuqaleni konyaka uSutcliffe wamangalela uSithole noMasipala weTheku mayelana nokuthinteka kwegama lakhe embikweni kaManase nowawuphenya inkohlakalo nokukhwabanisa kulo Masipala.

USithole wayetshele abezindaba ukuthi bahlela ukuthathela uSutcliffe izinyathelo zomthetho ukuze kubuyiswe imali engango-R 1.1 million, athi yalahleka ngenxa yokuthi uSutcliffe wahluleka ukubika ngomkhonyovu.

no Copy of ND AFCON3 SIBUSISO Sithole INLSA

USutcliffe wathi isitatimende sikaSithole simbheca ngobende ngoba akukho lapho lo mbiko kaManase ukhomba khona ukuthi nguye owaholela ekulahlekeni kwale mali.

Ngesikhathi ephendula ngo-Okthoba ngalokhu, uSithole wathi uSutcliffe “uqale impi nomunye umuntu.”

NgeSonto uSithole obekhombisa ukwehlela ngezansi uthe uMasipala weTheku awenzanga lutho oluphambene kodwa ufuna lolu daba luxazululwe.

“Lokhu akuhlangene necala, sizozivikela. Kodwa sifuna ukuthola indlela esingaxazulula ngayo lolu daba ngaphandle kwenkantolo. IMeya uMnuz James Nxumalo usazama ukuxhumana noSutcliffe,” kusho uSithole.

Uphinde waveza ukuthi uzimisele ngokuqeda le mpi ephakathi kwakhe noSutcliffe.

“Kubukeka sengathi siyalwa noSutcliffe kodwa ngifuna siqhubekele phambili. Ngiyakuhlonipha konke akwenzela iTheku nokuyingakho kumele siwuhloniphe lo mlando,” usho kanje.

Ethintwa ngalokhu uSutcliffe uthe akekho umuntu ophuma kuMasipala weTheku oseke waxhumana naye mayelana nalesi sivumelwano esingaphandle kwenkantolo.

“Nakanjani singemukela noma yisiphi isivumelwano esingalungisa ukudicilileka kwesithunzi sami nesalabo abasondelene nami,” usho kanje uSutcliffe uma ebuzwa ngesivumelwano sangalolu hlobo.

Bekulindeleke ukuthi uMasipala weTheku ufake amaphepha aphendulayo ngoLwesihlanu kodwa uSithole akacacisanga ukuthi bakwenzile yini lokhu.

Ummeli kaSutcliffe, uMnuz Roger Knowles, uthe uma uMasipala ungawugcinanga umnqamlajuqu, kungase kuvimbeke ukuthi uSithole noMasipala bafake isicelo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.