Usizi kowadlavazwa wumshini iminwe esebenza

Comment on this story
NO msani1 INLSA UNKK Agnes Msane ongasakwazi ukuzenzela lutho emuva kokulinyazwa umshini walapho abesebenza khona. Isithombe: PATRICK MTOLO

LUNGI LANGA

AKASAKWAZI ngisho ukuzidlela owesifazane waseBurlington, eQueensburg ongasenayo iminwe ngenxa yokulinyazwa umshini emsebenzini ekuqaleni konyaka.

UNksz Agnes Msane (38) uthe impilo yakhe ayisoze yabuyela esimeni emuva kokudlavazwa umshini iminwe yakhe yonke kwasala isithupha ngesikhathi esebenza enkampanini yaseQueensburg yezicathulo, iPrince International.

Uthe walimala lapho enza umsebenzi wakhe ojwayelekile wokuhlanganisa irabha yokwenza ingaphansi lesicathulo.

“Ngiyaye ngiyifake irabha emshinini bese iphuma isilungele ukuthi isikwe ozakwethu kodwa ngalolu suku ngathi uma ngiyifaka kwabambeka izandla zami zagaywa umshini,” kusho uNksz Msane.

Ukulimala kwakhe sekuholele ekutheni angakwazi ukusebenzisa izandla zakhe. Akasakwazi nokuzidlela kanti ngisho ukuzigeza kuyinkinga kepha uyaphoqeleka ukuthi akwenze ngoba uhlala nendodana yakhe eneminyaka engu-13 kuphela endlini.

NO msani2 UNKK Agnes Msane ongasakwazi ukuzenzela lutho emuva kokulinyazwa umshini walapho abesebenza khona.ISITHOMBE PATRICK MTOLO INLSA

Uthe indodana yakhe yiyo ephekayo nehlanza indlu ngoba yena akukho akwazi ukukwenza.

Okumphatha kabi ukuthi emuva kokulimala kwakhe umqashi wakhe uMnuz Bhai Seedat wamuholela imali yezinyanga ezintathu kusukela ngo-Febhuwari kwaze kwaba ngu-Ephreli esasesibhedlela. Lapho ephuma esibhe-dlela ngoMeyi uphoqeleke ukuthi aziyele yena emahhovisi oMnyango wezabaSebenzi ngoba umqashi wakhe akukho ayekukhuluma.

“Emuva kokuya emmahhovisi omnyango umqashi ungitshele ukuthi ayikho enye imali azongiholela yona ngoba ngizitshela ukuthi ngisile. Uthe bekufanele ngilinde kube nguye obika lesi sigameko emnyangweni,” kusho uNksz Msane.

Okunye akhale ngakho ukuthi ngesikhathi elimala kwaze kwabhoka omunye wozakwabo ukuze ahanjiswe esibhedlela.

“Ngacela ukuthi bathathe ucingo lwami ngoba wayethi akafuni kufonelwe i-ambulensi,” kusho uNksz Msane.

Uthe waze wahanjiswa nguye umqashi uSeedat ngeveni lakhe emfake ngemuva.

Kuyimanje uthembele emalini yesibonelelo sikahulumeni ukuze ondle izingane zakhe ezimbili ezisafunda.

Kuthiwa akukona okokuqala kulimala umuntu kule nkampani kepha sekulimale abantu ababili nabo bangabe besakwazi nokuqhubeka nokusebenza.

Okhulumela uMnyango wezabaSebenzi uMnuz Jay Anand uthe kukhona isikhwama esinxephezela abasebenzi abalimale emsebenzini kepha zonke izinkampani kumele zibhalise abasebenzi baso kuso.

U-Anand uthe akulula ukuthi bakhulume ngodaba lukaNksz Msane njengoba bengazi ngomsuka walo.

“Sizoluphenya udaba lwakhe, sithole yonke imininingwane ukuze asizakale,” kusho u-Anand.

UNksz Msane uthe ufisa ukuthola iminwe yokufakelwa ukuze ngizokwazi nami ukuziwashela nokuphekela umntwana wakhe.

UMnuz Seedat ethintwa ukuphikile ukuthi abazamanga ukusiza uNksz Msane, kodwa wathi bazama kepha yena watshengisa ukuthi akaludingi usizo lwabo ngoba wafika kubo wathi akafune mali yale nkampani. Ukuphikile nokuthi kukhona abanye abasebenzi asebeke balimala.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.