Usizi kowebelwe usana esayochama

Comment on this story
no lost baby3 INLSA UNOLWAZI GUMEDE (17) waseNdwedwe ontshontshelwe ingane ephuma ukuyoteta esibhedlela emuva kokuyibambisa owesifazane mumbe ngesikhathi engena endlini yangasese. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

LUNGI LANGA

ISOSIZINI intombazane yaseNdwedwe Ogonothini entshontshelwe usana ngowesifazane ebeyizitshela ukuthi uyayidabukela kanti uyishaya ngemfe iphindiwe.

UNolwazi Gumede (17) uthi ayamphelela amathemba okuthi usazophinde aluthole usana lwakhe oluzalwe ekuqaleni kwenyanga lwebiwa ngempelasonto edlule.

Wayephuma ukuyobeletha esibhedlela Osindisweni egoduka eya ekhaya ngesikhathi efica owesifazane erenki yamatekisi, eVerulam owacela ukumbambela ingane esangena endlini encane.

“Ngaphuma esibhedlela ngagibela itekisi eya eVerulam okuyilapho engangizothatha khona ibhasi eliya ekhaya. Ngase ngidinga ukusebenzisa indlu yangasese ngokushesha. Bengizitshela ukuthi ngizozingenela nayo ingane nezimpahla kodwa omunye umama obehleli ebhentshini uthe ngeke ngingene nengane ethoyilethi. Ngendlela abezwakala engidabukela ngayo ngivele ngabona ukuthi angimnike ingane angibambele ngoba wachaza nokuthi ingane isencane kakhulu ukuthi ngingangena nayo,” kuchaza uNolwazi.

Le ntokazi esencane ithe yayingazitsheli ukuthi umama angashaya achithe nengane yakhe.

no lost baby2 UNOLWAZI GUMEDE (17) waseNdwedwe ontshontshelwe ingane ephuma ukuyoteta esibhedlela emuva kokuyibambisa owesifazane mumbe ngesikhathi engena endlini yangasese. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI INLSA

Uthe wayevule ngisho umnyango ngesikhathi esebenzisa indlu encane ngoba efuna ukuqikelela ukuthi ingane yakhe ayiyi ndawo kodwa isikhashana nje ephendukile ukushaya ithoyilethi kwaba wukunyamalala kowesifazane nosana lwakhe obelunesonto.

Ebuzwa ukuthi yini eyadala ukuthi agoduke nengane ehamba yedwa esephuma esibhedlela uthe unina wayezomlanda kepha ubaba wengane yakhe wathi uzomlanda yena.

“Ngibe sengitshela umama ukuthi akakhululeke ubaba wengane uzongilanda esibhedlela. Kuthe uma ngibona ubaba wengane engafiki ekuseni ngamshayela ucingo wangitshela ukuthi akasenayo imali. Ngitshele umama ukuthi akakhululeke ngizozibuyela ngoba kukude ekhaya ukuthi angaqala phansi angilande,” kusho uNolwazi.

Uthe yize onesi babengathandi ukumdedela wakhuluma nabo wabachazela ukuthi kukude kubo nabo bagcina bevumile ukumdedela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Jay Naicker, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokuthumba emuva kokuduka kwale ngane.

Uthe bekungakabanjwa muntu mayelana nokwebiwa kwale ngane.

UNaicker unxuse obazali ukuthi banganiki abantu abangabazi izingane zabo. Lesi sehlakalo ngesinye esezandile zokwebiwa kwezingane ngabantu abasuke bezishaya abasizayo komama bazo maqede bashaye bachithe nazo.

Enye ingane yaseZimbokodweni eyebiwa kunina eThekwini yaze yatholakala oLundi ngosizo lweSolezwe ngasekuqaleni konyaka odlule.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.