Usizi kulandwa abenhlekelele yaseMarikana

Comment on this story

KUQHUME isililo kwavuka nomunyu emindenini nasezihlotsheni zabantu abashona esibhicongweni sasemayini iMarikana eNorth West ngesikhathi imindeni izobalanda ngehlahla entabeni abafela kuyona izolo.

Ngesikhathi imindeni inyukela entabeni isimo besishubile kungekho okhulumayo kodwa abebehola imindeni bephethe amahlahla bekuyibo abebekhuluma bememeza amagama abashonile.

Ngesikhathi beqala benyuka kuzwakale isililo abanye baquleka. Ingaphezulu kwekhulu imindeni ebiphelezelwa yizihlobo nabangani belanda abashonile ngehlahla kule ntaba.

Abanye bebezwakala bebalisa ngokuhanjelwa yizihlobo zabo ebezondla imindeni.

Imindeni ilanda abashonile ngehlahla nje, ngesikhathi esifanayo bekunezikhumbuzo zalabo abashona kule nhlekelele ezingxenyeni ezihlukene zezwe.

Etendeni elikhulu obekunesikhumbuzo sabanye abashona eNorth West, izikhulu zikahulumeni zisukume zahamba ngesikhathi owaxoshwa ngenjoMengameli wentsha ye-ANC, uMnuz Julius Malema eqala ukukhuluma.

“Uhulumeni akabenzelanga lutho abavukuzi abangu-34 ababulawe emayini eMarikana,” kusho uMalema.

“Ngaphansi kukahulumeni wentando yabantu kumele abantu bavikeleke kodwa uhulumeni nguye ophendukele abantu,” kusho uMalema ngesikhathi ekhuluma nabantu ebebesenkonzweni yesikhumbuzo.

UMalema ugxeke uhulumeni wathi uthanda ukubukwa ngamakhamera wathi ufika ngoba izinto sezonakele.

Ukhwele wadilika kusomabhizinisi, uMnuz Cyril Ramaphosa, wathi akasiqondi neze isimo, kulandela ukuthi uRamaphosa amemezela ukuthi inkampani yakhe iShanduka, izonikela ngo-R2 million ukuze kungcwatshwe abashona.

“Akwenzayo kufana nokuthi sizonibulala bese siyaningcwaba,” kusho uMalema.

Uthe: “Uhulumeni uhluleke wancama ukungenelela ngoba vele uyingxenye yezimayini. Sizolulwela uguquko futhi ngeke siliphonse ithawula.”


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.