USlindile uthembisa lukhulu kuSpar Ladies

Comment on this story
no sili

ZODWA NDABA

noNONTUTHUKO NGUBANE

UMGIJIMI osemncane uSlindile Chili uthi uzimisele ngokuthwalisa kanzima abasubathi asebezakhele igama emjahweni oyibanga lika-10km iSpar Ladies eThekwini ngeSonto.

Lo mjaho onesasasa elikhulu elibonakala ngokuthi usungenelwe ngabesifazane abangaphezu kuka-11 000 nonyaka, uzosuka kuWalnut Road uphele eSahara Kingsmead Stadium ngo-8 ekuseni.

UChili (18) ogijimela iChesterville Athletics uthe uyabazi ubunzima azobhekana nabo kulo mjaho kodwa uzimisele ukugijima nabantu asebekhulile nabaseqophelweni eliphezulu.

“Ngizimisele ngokuthi ngibe ngomunye wabagijimi abazophuma kwabathathu abaphambili. Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa sonke sigijima ngezinyawo abakwenzayo nami ngingakwazi ukukwenza,” kusho uChili.

Lo msubathi wenze kahle kwi-Richards Bay 10km nokwenza azethembe kodwa inselelo yabanye abasubathi uthe uyazi kahle kamhlophe.

“Ngaphuma phambili kwiRichards Bay ngenza u-37:00 nomqeqeshi wami wasijabulela isikhathi sami. Abasubathi abavela eGoli bagijimisa okwamadoda, yibona abasabekayo. Kodwa ngizozama konke okusemandleni ami yize sengibanjwe ngumkhuhlanje,’’ kusho yena.

Lo mgijimi uthe uyaziqhenya ngerekhodi analo njengoba engekho umgijimi waKwaZulu-Natal omshiyayo ebangeni lakhe (10km) kwabancane.

UChili useke wamela isifundazwe emidlalweni kazwelonke yabancane izikhathi eziningi kanti nomqeqeshi wakhe uThubalethu Phaku uyayincoma indlela agijima ngayo.

“Uma uSlindile engaqhubeka nokuzimisela, ikusasa lakhe liqhakazile ekusubatheni. Wenza kahle kakhulu emijahweni asuke eyingxenye yayo,” kusho uPhaku.

UPhaku ayaziwa amagalelo akhe ekuphekeni abasubathi abasebancane. Abagijimi abangaphansi kwesandla sakhe uPutseletso Dladla, Adam Lipshitz noNtokozo Mkhize okungabanye babagijimi abasebancane abenza kahle eKZN.

ISpar Ladies inemizuliswano emine ukuze kuphume ozodla umhlanganiso bese ehlomula ngemoto nesamba semali.

Uzoqala eThekwini ngeSonto, ngo-Agasti 25 uye ePitoli, ngoSepthemba 9 ube seMgungundlovu bese uphethwa eGoli ngo-Okthoba 14.

Abasubathi abangu-20 abazophuma phambili edolobheni ngalinye bazothola amaphuzu.

Ophuma phambili uthola amaphuzu angu-20 bese ophuma indawo yesi-20 athole iphuzu elilodwa.

Ekugcineni ahlanganiswa wonke amaphuzu ohamba phambili kube nguye odla umhlanganiso. Ukuze umgijimi azibeke ethubeni lokuwina imoto kumele agijime yonke imijaho.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.