Advertisement

USpikiri ubezimisele ngokuqondisa umdlalo kaLebo

SIZWE BLOSE

UMCULI ophinde abe ngumqondisi wenkampani yomculo iKalawa Jazzmee uthi akukho akubalekelayo ngokuqondisa umdlalo okhuluma ngempilo yesihlabani somculi osadlula emhlabeni, uLebo Mathosa.

USPIKIRI uthi unesifiso sokuqondisa umdlalo okhuluma ngempilo kaLebo Mathosa kodwa uzokuba ematasatasa. Credit: INLSA

UMandla “Spikiri” Mofokeng bekulindeleke ukuthi aqondise uhlangothi lomculo kulo mdlalo, phambili okulingisa kuwo unontandakubukwa uKhanyi Mbau.

USpikiri ushaye ungqimphothe wahoxa kulo msebenzi yize ethi ubezimisele ngendlela emmangalisayo ukuqondisa lo mdlalo.

“ULebo bekuwusisi wami bengizimisele ngokwenza lo msebenzi kodwa ngaxakwa ukuthi ngalesi sikhathi ekumele ngisebenze ngaso nami kukhona engisuke ngimatasatasa ngakho,” kusho uSpikiri.

Uthe into ebe yinkinga ukuthi lo msebenzi ozomenza abe matasatasa wawuhlela kusenesikhathi, kanti kunzima ukuthi awuhlehlise yingakho evele wabachitha abasunguli balo mdlalo okhuluma ngempilo ka-Lebo.

“Akekho ongazi ukuthi uLebo besimthanda kanjani kwazise besisenkampanini eyodwa naye sichitha isikhathi esiningi ndawonye,” kuchaza uSpikiri.

Uthe ufuna ukukubeka kucace ukuthi akananxa nabahleli balo mcimbi lesi sizathu asibekayo siyisona futhi lento azobe eyenza uyenza minyaka yonke.

Lo mdlalo okukhulunywa ngawo uhlanganiswe umdlali osemkantshubomvu kwezokulingisa uSello Maake kaNcube owazakhela olukhulu udumo kwiGenerations.

USpikiri uyaziwa ngekhono lakhe emculweni kangangoba ngisho nayo iGenerations okuwumdlalo owuchungechunge wawudidiyelela ibika elidlala njalo uma uphela noma uqala lo mdlalo.

SHOW ALL
Advertisement