INDLELA azinikele ngayo emsebenzini wakhe wokuba yi-fitness trainer/ conditioning coach, okuwumsebenzi wokuvocavoca abadlali nokuqinisekisa ukuthi imizimba yabo ikulungele ukudlala, kwenza u-Elsa Storm, angabi naso isikhathi somndeni. Ngisho inja yakhe kudingeka ayitholele usizo oluphambili uma ehambe ngomsebenzi. UStorm ungomunye wabesifazane abagqamile kulo msebenzi njengoba esehlale iminyaka engaphezulu kwengu-15 esebenza namaqembu ahlukene kuPremiership.
Le ntokazi ibonga uMuhsin Ertugral esebenzisana naye ku-Orlando Pirates ngokuhlonipha umsebenzi ewenzayo, nowayinika nethuba lokungena kunobhutshuzwayo ngesikhathi beqala kuKaizer Chiefs ngo-1999.
Kusukela lapho uStorm akazange abheke emuva njengoba esesebenze kuLamontville Golden Arrows, Ajax Cape Town nakuMpumalanga Black Aces lapho besuke khona no-Ertugral ngemuva kokuthi leli qembu lidayiselwe abaphathi baseKapa ekupheleni kwesizini edlule.
ULungile Majoka uxoxisane noStorm ngalo msebenzi wakhe lapho okudingeka ukuthi asebenzisane nabantu besilisa. Ngesikhathi ekuChiefs isiqeqeshwa uVladimir Vermezovic waseSerbia, washiya isigubhukane. Kwavela imibiko yokuthi uVermezovic wamsola ngokuthi uyasantuza phambi kwabadlali.
LUNGILE MAJOKA (LJ): Kuhamba kanjani (ngemuva kokuthi iPirates ihlule iLamontville Golden Arrows koweligi)?
ELSA STORM (ES): Kuyajabulisa ukubona abadlali benza enkundleni lokhu ebenikukhuluma. Ukuqala kwemidlalo kusho ukuthi sesizoqala ukubona ukuthi umsebenzi ebesiwenza ukuzilungiselela ukuqala kwesizini uyangena yini. Kuzoba nzima khona kodwa kumele sithathe umdlalo ngamunye ngesineke.
LM: Lo msebenzi wakho udinga hlobo luni lomuntu?
ES: Nginenhlanhla ngoba ngiwumuntu ohlezi esebenza ngokuzikhandla futhi ngiyayazi into engiyenzayo. Okuhle kakhulu wukuthi uhlonishwe emkhakheni owenzayo, nawe uyakwazi ukuthi uhlezi uzimisela ngoba kunokuhloniphana nalabo osebenza nabo. Indlela ebesizwana ngayo ku-Aces besifana nomndeni, ngisho namanje ngisakhumbula khona.
LM: Usakhuluma ngenhlonipho. Ngabe nabangani no-Vermezovic kuChiefs?
ES: Njengoba ngishilo ngingakwazi ukusebenza lapho ngihlonishwa khona ngomsebenzi wami. Mina ngiwumuntu owenza umsebenzi ngendlela eseqophelweni eliphezulu futhi owuhloniphayo umsebenzi wakhe. Angibheki ibala noma ubulili. Okusemqoka wukuthi yini engingayenzela abadlali ukuze imizimba yabo ihlale isesimweni esifanele. IChiefs yona anginanxa nayo, ngisho abanye abalandeli bayo sisakhuluma nabo, abanye basafuna ngibuyele eqenjini.
LM: Senisebenze kaningana noMuhsin, bunjani ubudlelwano benu?
ES: Sisuka kude, nguyena owangicela ukuthi ngizosebenza naye kuChiefs ngo-1999 ngemuva kokubona umsebenzi wami engangiwenza kwezinye izindawo, ngisebenza nabadlali emikhakheni ehlukene.
LM: Kudingekani ukuba yi-conditioning coach?
ES: Ungaba nayo i-physiology. Kukhona nento okuthiwa yi-exercise science. Kumele wazi ngokwakheka nokusebenza komzimba okuyinto esemqoka kakhulu. Mina wukuthi impilo yami bengiwumuntu ozivocavocayo njengoba ekukhuleni kwami ngangiyi-gymnastic. Impilo yokuzivocavoca okusezingeni ikumina, bambalwa abantu abake bangibone ngigqoke izingubo ezijwayelekile.
LM: Usebenzisana kanjani nomqeqeshi ukuhlelela imidlalo?
ES: Konke engikwenzayo ngibonisana naye, ngisho nangabadlali abalungele ukudlala nokho ekugcineni nguyena othatha isinqumo esingujuqu. Mina umsebenzi wami wukwenza isiqiniseko sokuthi umdlali ulungile ngokomzimba nangokomqondo ngoba phela ziningi izinto ezingaphazamisa abadlali futhi umdlali ngamunye unezidingo ezingafani. Okuhle lapha kuPirates wukuthi kunethimba elikhulu, ngakho angikhandleki ngokwenza imisebenzi eminingi njengoba kukhona nongoti ababhekele ukusebenza kwenhliziyo, abadlali bafaka ama-GPS uma siziqeqesha, sisebenza ndawonye.
LM: Umuntu onjani ongenza lo msebenzi?
ES: Awuhlangene neze nobukhazikhazi. Uma uwenza ngeke ube nampilo eceleni ngoba uma uzinikele kuwona wonke amahora athathwa uwona. Uma unomndeni kuba yinkinga ngoba ungagcina uwunika isikhathi esincane, ngokwami isikhathi esincane asifanele emndenini ngoba ngiwulolu hlobo lomuntu othi uma enza into azinikele ngakho konke. Ngakho uma ufuna ukuwenza ngingathi kumele ukhohlwe wumndeni.
LM: Manje nawe awunawo umndeni wakho?
ES: Anginaso isikhala sawo. Kuyahanjwa kakhulu. Ngisho inja yami uma ngihamba kufanele ngiyitholele umqaphi osezingeni eliphezulu ukuthi ayinakekele.