KHULEKANI SHABALALA
ABAFUNDI baseChesterville High bathi sebelulinde ngabomvu Usuku Lwentsha kusasa uJuni 16 oluyisikhumbuzo somzabalazo owanqotshwa abafundi baseSoweto ngo-1976.
Isolezwe izolo likhulume nabanye babafundi baseThekwini abathe lolu suku lubakhumbuza umlando womzabalazo waseNingizimu Afrika, lapho kwafa khona inqwaba yabafundi ababebhikishela ukuchithwa kokufundiswa ngolwimi lwesiBhunu neBantu Education.
Omunye wabafundi u-Anele Madela, eChesterville High uthe uyohlezi ekhumbula lolu suku ngenxa yempumelelo yomzabalazo wabafundi.
“Nakuba ngifunde ngalolu suku ngokomlando kodwa ngihlezi ngijula ngalo uma ngilucabanga ngoba kunenqwaba yabafundi abashona okubalwa kubo noHector Pieterson oyiqhawe kithi,” usho kanje.
Uzakwabo, uPinky Dladla, ofunda uGrade 12, uthe lolu suku lusho lukhulu kuyena ngoba namhlanje abafundi sebefunda ngolimu abaluncele ebeleni nangesiNgisi.
“Into esangiphatha kabi ukubona ukuthi eminye imibhalo empahleni, ezimpawini nasezakhiweni eziningi isiNgisi sisahunyushwa ngesiBhunu ekubeni iningi labantu likhuluma izilimi zesintu,” kusho uPinky.
Uthe ngaphezu kwalokho inselelo isekhona nakubaholi ukuthi babungaze izilimi zakuleli ngokuzenza ingxenye yezemfundo.
Omunye umfundi, uSiphesihle Shandu owenza uGrade 9 uthe uselulindele ngabomvu lolu suku ngoba kuzobe kunenkulumompikiswano azobe eyingxenye yayo ephakathi kwezikole zaseChesterville. Uthe le nkulumompikiswano ezobe iseMkhumbane Hall izovula inkundla ukuthi abafundi badingide izinto ezikhungethe intsha emphakathini abale kuzo inkinga yezidakamizwa nobugebengu.
“Lona umzabalazo wethu wanamhlanje, ukuthi silwisane nezidakamizwa ezidle lubi emphakathini.”