Usuthu aluyesabi iMoroka Swallows

Comment on this story
NO MTN800 . UCARLINGTON Nyadombo waMaZulu uthi bangayishaya iMoroka Swallows emdlalweni weMTN 8 ngoba isabamba iyeka ngemuva kokuhamba kukaGordon Igesund. Isithombe: BONGANI MBATHA

LUNGILE MAJOKA

UKULAHLEKELWA kweMoroka Swallows umqeqeshi ophezulu uGordon Igesund oseseqenjini lesizwe iBafana Bafana, kungenzeka kuvulele AmaZulu inxeba lokungena uma la maqembu esetholana phezulu koweMTN 8 ngempelasonto.

Umdlali wasemuva kuMaZulu uCarlington Nyadombo ubona ukuhanjelwa umqeqeshi osezingeni eliphezulu njengo-Igesund kuzoba nomthelela ongemuhle eZinyonini esezithathwe uZeca Marquez. Ubona ithuba elihle lokuzigojela kulo mdlalo wokuqala kwesizini ka-2012/2013.

Umdlalo useDobsonville Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Ukuhanjelwa wumqeqeshi kusho lukhulu. Umqeqeshi omusha uzoqhamuka namasu amasha azofuna ukuwasebenzisa nabadlali abasha. Kufanele thina sisebenzise lokhu njengesikhali esizobadla ngaso. Uma kuwukuthi umqeqeshi akashintshi emaqhingeni ka-Gordon, okuhle wukuthi siyabazi ngoba sidlalile nabo ngesizini edlule sabambana ngo 2-2 nakhona okwaba amaphutha ethu,” kusho lo mdlali odabuka eZimbabwe.

Ngesizini edlule AmaZulu enze kahle kakhulu ngasekuvaleni izitha ekutholeni amagoli.

UNyadombo ohlonishwe ngomklomelo womdlali ovelele ngesizini edlule kuleli qembu eliphekwa uRoger Palmgren, uthe kusemqoka ukuqhubeka ekwenzeni kahle emuva kodwa kuzofanele baqinise nasekushayeni amagoli uma bezimisele ngokudlulela kuma-semi final alo mqhudelwano.

Umsebenzi wokushaya amagoli usemahlombe abagadli, uSifiso Vilakazi osuka kuBidvest Wits, Josef Lekata no-Ayanda Dlamini obebhinjelwa uhlelo phambi kwamapali ngesizini ephelile.

UDlamini ufike oSuthwini ngegalelo eliphezulu evalela amagoli, elokuqala walishaya bebhekene neSuperSport United kuwona lo mqhudelwano.

“Ngicabanga ukuthi ingcindezi engibe nayo njengoba bekulindeleke okukhulu kimina angikwazanga ukubhekana nayo,” kusho uDlamini.

Uthe: “Akumnandi ukungawashayi amagoli ube ungumgadli okuyikhona engiqashelwe ukukwenza kuMaZulu. Kule sizini kumele kucace ukuthi ngingumgadli ngokushaya amagoli.”

Ugxekwe ngabaningi ngokuhluleka wukuvalela phakathi amabhola noma esebheke nepali nathe le yinkinga abayilungisayo.

“Sinomuntu ofana noFani Madida. Sisebenza kakhulu ekuqedeleni amathuba nokumele ukwenze uma uthola ibhola kodwa kwesinye isikhathi uma sekudlalwa ugcina uthathe izinqumo utatazela,” kusho yena.

UPalmgren uveze ukuthi uStanley Kgatla kungenzeka abangabi khona njengoba enokulimala noDulee Johnson waseSweden usanenkinga yamaphepha okusebenza kuleli.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.