KUNGOKOKUQALA ukuthi iFiat Punto ka-2012 iphume nenjini ewuhlobo lweMultiAir, ehambisana nobuchwepheshe besimanje kanye ne-warranty yeminyaka emihlanu emuva kuka-150 000km.
Akuyona imoto entsha iPunto, kodwa lena ka 2012 balinyusile izinga layo ngokwengeza imibala emisha, bayishintsha ngaphakathi kanti nakwezobuchwepheshe bayibeke esicongweni. KwaFiat baqala ukukhiqiza iPunto ngo-1993, kanti ingenye yezimoto zale nkampani izinto eziyihambela kahle emakethe yezimoto.
ENingizimu Afrika iPunto yethulwa okokuqala ngo-2005.
Le nkampani isikhiqize izimoto ezilinganiselwa ku-8.5 million ezisatshalaliswa emhlabeni jikelele.
Le nkampani yaseNtaliyane isizakhele igama ngokuhamba phambili kwezobuchwepheshe nokuhlanganisa izinjini ezinamandla njenge-1.4 MultiAir Turbo eyadla umhlanganiso kwiBest New Engine of 2010 emncintiswaneni i-International Engine of the Year Awards.
Le Punto ka-2012 eyethulwe eThekwini ngesonto eledlule idle ngokuba nesikhala esikhulu ngaphakathi, bayandisile nendawo yokubeka izimpahla ngemuva.
KUNINGI ABAKUSHINTSHILE
Sekujwayelekile ukuthi izinkampani zezimoto zethule uhlobo olusha emuva kolunye kodwa okuthi uma ubhekisisa kahle uthole ukuthi awukho umehluko otheni kunalena endala.
Akunjalo kwiFiat Punto ngoba ingaphakathi layo balishintshe lonke futhi kwasetshenziswa nendwangu esezingeni eliphezulu ngokuhambisana nesitayela samaNtaliyane.
Izihlalo bazishintshile, bandisa nesikhala sokubeka impahla njengezinto zokufaka izinkomishi zokuphuza iziphuzo, amaselula nesikhwama semali. Ngaphandle bayishintshile ngemuva nangaphambili.
Obhampa bangemuva nangaphambili bakhelwe bathi ne emalambini kanti sebegqize ngomugqa osamhlobiso owengeza ubuhle.
Obhampa banombala ofanayo nowemoto kanti uma uqaphelisisa kahle uzobona ukuthi ama-indicator akhelwe ngendlela yokuthi noma ungaphakathi uyibone iphayiza. Kukho konke ukuyishuna kwabo abazange balenze iphutha lokuphazamisa i-number plate ngemuva nangaphambili. Iphuma namasondo angu-15 inch kanye nemibala emisha okungu Rock’n’Roll Blue, Ruby Red no- Intellectual Grey.
IZINHLOBO ZEZINJINI
Iphuma nezinjini ezintathu okukhona kuzo i-1.4l 8V Fully Integrated Robotic Engine (FIRE) ekhiqiza amandla angu-57kW kanye ne-torque engu-115Nm.
Enye injini elandelayo ingu-1.4l MultiAir ekhiqiza amandla angu-77kW, kanye ne-torque engu-130Nm. Eyokugcina yileyo enenjini esidle izicoco i-1.4l MultiAir Turbo ekhiqiza amandla angu-99kW kanye ne-torque ka-206Nm.
Kungokokuqala ukuthi kwaFiat bakhiphe imoto edunyiswa iphinde icishwe ngebhathini okuwubuchwepheshe obubizwa ngeStop&Start Technology kanye neGear Shift Indicator kuzo zonke izinhlobo.
Le moto ayiwudli kakhulu upetrol kanti kuncike nasekutheni uyishayela kanjani. Ngebanga elingu 100km isebenzisa amalitha angu-5.7 kokunye kuba ngu-5.6 kulena engu-1.4 8v kanye ne-1.4 MultiAir.
IPunto ka-2012 ihlukene ngezinhlobo ezintathu kukhona ebizwa nge Pop, Easy ne Lounge zonke zihlukene ngesitayela nezinto ezitholakala kuzo.
IPop iphuma ne-electric power steering, air conditioning, amawindi asebenza ngogesi, iremote central locking.
I-Easy iphuma neradio edlala amaCD neMP 3, izipikha eziyisithupha, itrip computer. ILounge linyuke kakhulu izinga layo ngoba ngaphakathi iyisikhumba yase iba ne-automatic climate control, kanti izihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala.
IPunto iphuma ne-ABS ne-EBD (Electronic Brake force Distribution) kuzo zonke izinhlobo bese kuthi iLounge ibe ne-ESP (Electronic Stability Program) kanye ne-Hill-holder esiza ezindaweni ezinyukelayo.
AMANANI EPUNTO
Fiat Punto 1.4 Pop: R129 900*
Fiat Punto 1.4 Easy: R149 900*
Fiat Punto 1.4 MultiAir Easy R169 900*
Fiat Punto 1.4 MultiAir Turbo Lounge R209 900*
La manani ale moto yakwaFiat ahambisana ne-warranty yeminyaka emihlanu emuva kuka-150 000, kanye ne-service plan yeminyaka emine emuva kuka-60 000 etholakala kuphela kuhlobo lwa maMultiAir models njenge-1.4 MultiAir Easy ne-1.4 MultiAir Turbo Lounge okuyizo ezohlobo oluphambili kule Punto yamaNtaliyane entsha sha.
|
|
Services
Comment Guidelines