Uswele amaphiko enikwa ukhiye wendlu

Comment on this story
NO mbizo7 INLSA IMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo noSotshwebhu kaMasipala uMnuz Stanley Xulu bemukelisa uNkk Mafaku Bhaca okhiye bendlu yakhe entsha eCato Crest. Isithombe: PATRICK MTOLO

BONISWA MOHALE

UJABULISE okwengane encane owesifazane enikezwa okhiye bendlu yakhe entsha emuva kokuba indlu abehlala kuyo ilinyazwe yimvula.

UNkk Mafaku Bhaca (64) waseCato Crest unikwe okhiye bakwakhe ngesikhathi iMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo ihambela izindawo ezahlukene ezikhahlanyezwe yimvula emasontweni edlule eThekwini.

Ngokusho kweKhansela lendawo uMnuz Bhekisisa Mngadi, indlu kaNkk Bhaca eyayinamakamelo amabili yaqala ukuqhekeka ngo-2009 ngenxa yemvula.

Uthe wabika udaba lwakhe kuNxumalo owayenguSomlomo weTheku ngaleso sikhathi.

“UNkk Bhaca ubeseyilinde isikhashana indlu yakhe kunzima ngoba uhlala nabazukulu abathathu kanti ngesikhathi esakhelwa ubedonsa kanzima. Ngiyajabula ukuthi namhlanje iphupho leMeya eyayinalo esenguSomlomo lokwakhela uNkk Bhaca umuzi, lifezekile,” kusho uMngadi.

IMeya ibe isinikeza uNkk Bhaca izikhiye zendlu yagcizelela ukuthi ukwakhela abantu izindlu ezisesimeni esihle kubuyisa nesithunzi sakhe umuntu emphakathini.

UNkk Bhaca uthe uswele amazwi okuzibongela. Uqale ngokushaya umculo omncane waphakamisa izandla ebonakala ukuthi ugajwe yinjabulo.

Ubetete umzukulu wakhe ngesikhathi ekhuluma nezintatheli esho nokuthi uhlala nabazukulu abathathu kanti wafika eCato Crest eminyakeni engu-25 edlule.

Unxuse abanye abantu ukuba babikele amakhansela abo uma behlaselwa yizinhlekelele noma izindlu zabo ziqhekeka ngendlela engaqondakali ngoba usizo lukhona.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.