UT’zozo ujabule ngokuba inxusa

Comment on this story
NO TIZOZO1 . UTZOZO Zulu usezobonakala kuma-starter packs amasha akwaVodacom njengoba eseqokwe njengenxusa lawo. Isithombe: SANDILE MAKHOBA

FANELESIBONGE BENGU

USEZOKUBA yinxusa lama-starter packs amasha akwaVodacom umculi wekwaito okulindeleke ukuthi akhiphe i-albhamu yakhe eyedwa ngemuva kokumisa ukusebenzisana kwabo njengeT’zozo & Professor.

Ngesikhathi Isolezwe limbuza uThokozani “T’zozo” Zulu nge-albhamu yakhe athi uzoyikhipha, uthe useqedile ukwenza izingoma kanti zizonke zingaphezulu kuka-16.

“Sekusele ukuthi sikhethe esizozifaka ngoba ziningi. I-albhamu yami ngifuna ifane nekhonsathi eba nomculo ohlukene ngoba ngisebenze nabaculi abehlukene okubalwa kubo iShabalala Rhythm, Shota, Sosha, Big NUZ, Thokozani Langa, Avante, AmaGroovies nabanye,” kusho uT’zozo othe abantu abayilindele ezinyangeni ezimbili ezizayo.

Lo mculi uzokuba yinxusa lama-starter packs akwaVodacom azothulwa ngokusemthethweni ngoJulayi 8 nonyaka.

Isikhulu sezokukhangisa senkampani ephakela izinkampani zamaselula kuleli ngama-starter packs, iBlue Label Telecoms, uJabu Mogale, sithe abazothenga la ma-starter packs bazothola imihlomulo eyahlukene.

UT’zozo uthe uyajabula ngokuqokwa kwakhe ukuthi abe yinxusa yalama- starter pack.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.