isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Uthengwa ubuthaphuthaphu umculo kaMgqumeni


NO MGQUMENI1

INLSA

USTHEMBISO Makhatha ezothenga iDVD kaMgqumeni nathe ufuna ukuzidelisa yena ngesigameko 'sokuvuka kwabafileyo' kwalo mculi. Isithombe: BONGANI MBATHA

SIHLE MKHIZE noMINENHLE NTOMBELA

IMIBIKO engamanga ngokuvuka kukaMaskandi uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo kuvukuze ukuthengwa komculo wakhe njengoba bebaningi abaphuthume ezitolo zomculo beyothenga umculo wakhe ikakhulukazi ama-DVD ngoba befuna ukumbona.

Izolo Isolezwe lihambele izitolo ezahlukene ezakhele iTheku ukuzitholela kabanzi ngokudayiswa komculo weBhova.

E-Disc World eThe Workshop Isolezwe lizithele phezu komlandeli wokuqina kaMgqumeni uSthembiso Makhatha.

UMakhatha uveze ukuthi emuva kwemibiko “yokuvuka” kukaMgqumeni ukhethe ukuyothenga iDVD yokugcina yakhe, iSecret ukuze azikholise futhi aziqhathanisele yena izithombe.

“Ungibona nje ngisuka oThongathi, lezi zindaba ngiyazizwa futhi nasemaphepheni ngiyazifunda njengamanje ngikhethe ukuthenga iDVD ukuze ngiziqhathanisele ngokwami. Ngisaphithene ikhanda namanje ngoba angisazi ukuthi yikhona kuphi okuyiqiniso,” kulandisa uMakhatha.

NO MGQUMENI~1

USAMUKELO Mzulwini ongumsebenzi waKwaJet Music ekhombisa ngeDVD kaMgqumeni athi iyona edayise ubuthaphuthaphu selokhu kuphume imibiko 'yokufa avuke'. isithombe: BONGANI MBATHA

INLSA

Umdayisi wakulesi sitolo uBrady Naidoo uthe basalelwe ngama-CD amane nje kuphela kaMgqumeni kusukela ekusabalaleni kwamahlebezi okuvuka kwalo mculi.

“Uma uqhathanisa nangesikhathi eshona ngo-2009 amaCD athengwa ubuthaphuthaphu kodwa kwaphinda kwehla. Muva nje asedayiswa okwamagwinya ashisayo. Kuhamba kakhulu icwecwe lakhe lokugcina iSecret sesicabanga ukulanda esinye isitokwe,” kusho uNaidoo.

KwaJet Music kuPine Street kulo leli dolobha uVusi Hadebe ongumdayisi uthi kuthengwa kakhulu iDVD i-Autograph kanti iCD esihloko sithi Secret ayisekho emashalofini.

“Abantu abaningi kulesi sitolo bathenga kakhulu iDVD i-Autograph kanti iCD yakhe agcine ukuyikhipha iSecret asisenayo emashalofini,” kusho uHadebe. E-Musica khona balandulile abasebenzi bakhona bethi abakaze babe nawo amaCD noma amaDVD alo mculi bakuveza ukuthi bakhona abantu abafika bezobuza.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
CarpeDiem_333
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 30 and 48.
View Profile
saturnz
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 100.
View Profile
MAKHITLE
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 40.
View Profile
IOL - dating
Ninewest007
I'm a 37 year old woman looking to meet men between the ages of 37 and 50.
View Profile
IOL - dating
mdm_668
I'm a 42 year old man looking to meet women between the ages of 20 and 39.
View Profile
IOL - dating
TIDIMALO76
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 40.
View Profile