MINENHLE NTOMBELA
U KHALA ngesihluku sokubhaxabulwa ithimba elithi libhekele ubugebengu endaweni yaseThornwood, eMariannhill owesilisa wakule ndawo obezothamela umhlangano womphakathi.
Kumanje uBheki Nxumalo (22), ugodle ingalo ngenxa yokulimala ngesikhathi eshaywa kanzima ngabantu athi kumele bavikele umphakathi.
Echaza ngokwenzeka uthi wayethamele umhlangano womphakathi owawuphathelene nentuthuko ezofika endaweni. Uthi waphuma ngaphandle ehholo eyophuza amanzi wazithola eselandelwa ngamalungu amathathu aleli thimba elibizwa nge-forum.
Uthe omunye wabo uqale ukumhlohla ngemibuzo angayazi okuthe uma ezama ukuphendula baqala bamthelekela.
“Ngababona sebebathathu bengingungile bephezu kwami bengihlanganyele ngingenzanga lutho. Amanye amalungu ale forum avala umnyango ehholo abantu bengakwazi nokungisiza,” usho kanje.
Uthi waze walanyulelwa ngumfowabo omdala owayengaphandle naye abamshaya kodwa bakwazi ukuphunyuka babaleka.
Emuva kokuvula icala lokushawa yila madoda amathathu e-forum, uthi sekuke kwafika abanye balesi sigungu kubo bethi makuxoxiswane ngokwenzekile bazimisele ukumnxephezela uma esula icala.
“Sathi uma sinqaba basitshela ukuthi kukhona okusina kusijeqeza sinomndeni wami. Omunye wathi ngizozithola ngisenkingeni futhi ngizozisola ngokuvula icala.”uchaza kanje.
Uthe selokhu ephume esibhedlela nengalo ephukile akahlezi kahle useyasaba njengoba lamadoda amusabisa aze asabisa nomndeni wakhe.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokushaya kodwa athi akukaboshwa muntu kusaphenywa.
Usihlalo we-forum kule ndawo uMnuz Nimrod Khumalo, uthe uyazi ngokwenzeka kodwa akulona iqiniso eliphelele lokhu okushiwo nguNxumalo.
“Ngiyavuma wathinteka ngezwa nokuthi washawa ngenduku. Kodwa nguye owaphazamisa umhlangano nabangani bakhe. Ngike ngakhuluma naye wangichazela ngokwenzeka,” kusonga uKhumalo.