IZITHELE phezu kwamathambo omuntu abegoqwe ngendwangu eluhlaza indoda yasemjondolo yaseSizamazulu, eNanda, ebimba umgodi wethoyilethi egcekeni lakwayo.
Amathambo athathwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu ukuwadlulisela kochwepheshe ukuze bawahlole ukuthi ngakabani.
Umnikazi wendlu okutholwe kuyo amathambo egcekeni layo, uMnuz Sibonelo Masikana (32), owathenga indlu eminyakeni emibili edlule, uthe okwamanje usaqube ezihlotsheni ngoba usathukile.
“Ngangena kule ndlu kunethoyilethi lomgodi eselilidala. Ngiqhubekile nokulisebenzisa laze laba sesimeni esingabekezeleki. NgoLwesine ntambama ngabona ukuthi angimbe omunye umgodi ngakhe elinye ithoyilethi ngoba sesithwele kanzima nonkosikazi.
“Ngithe ngisehla nawo umgodi ngabona indwangu eluhlaza ngathi ngiyayidonsa kwaqhasha ithambo lomuntu. Ngathi ngiyaqhubeka kwavela amanye amathambo nogebhezi,” kusho uMasikana.
Uthe ube esebiza omakhelwane ukuthi bazombukisa umhlola omvelelayo egcekeni lakwakhe.
“Sathinta amaphoyisa afika kwasho ukuthi sekumnyama athi azobuya ngakusasa ukuzomba. Afikile ngempela aqoqa wonke amathambo ahamba nawo. Athe asazohlola ukuthi amathambo ngakabani. Ngisathukile ngoba sengihlale isikhathi eside kule ndawo kanti angazi ukuthi kunomuntu owagqitshwa egcekeni,” kulandisa uMasikana.
Umkhwekazi kaMasikana, uNksz Winnie Mchunu (51), uthe nguye owamtholela le ndlu ngemuva kokuthi owayehlala phambilini ehlale izinyanga ezimbalwa nesoka lakhe bahamba.
“Umama owayehlala kule ndlu wayehlala ngokulwa nomyeni wakhe. Baze bakhetha ukuthutha. Ngabe sengitshela indodakazi yami ukuthi ikhona indlu edayisayo ngesikhathi ifuna indawo nomyeni wayo,” kusho uNksz Mchunu.
Uthe ukutholakala kwamathambo kubashiye nemibuzo yokuthi ngabe ngakabani.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe lisola ukuthi amathambo ngawendoda yokufika eyayihlala nentombi kule ndlu eyanyamalala eminyakeni emine edlule.
“Le ndoda yavele yanyamalala esikhaleni kanti yayingeve iyishaya intombi yayo. Asinasiqiniseko sokuthi iyona kodwa siyasola. Indwangu ebigoqwe ngayo bekuyikhethini. Akekho umuntu ongasuka kude ayongcwaba umuntu egcekeni lakomunye umuzi. Sesilinde ukuzwa uphenyo lwamaphoyisa.
“Igazi lomuntu liyakhuluma angikhathali kungaphela isikhathi eside kangakanani abulawa,” kusho leli lungu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokufa komuntu ngemuva kokuthi kutholakale amathambo omuntu egcekeni lomuzi womuntu obemba umgodi wethoyilethi.
“Kuzohlolwa amathambo kwenziwe ulibofuzo ukuze kutholwe ukuthi ngakabani. Sizobheka nokuthi wayebulawe yini nokuthi kwakwenzeke nini,” kusho uCaptain Gwala.