Utholwe eselenga emthini umfana (14)

Comment on this story
NO SDUMBU . UMPHAKATHI namanye amalungu omndeni waseMpumalanga, Hammarsdale ebukeka edangele eduze kwemoto ebithwele isidumbu sika-Asanda otholakale elenga emthini. Isithombe: BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

KUSOLWA ukuthi uxabane nonina kubangwa imali elahlekile umfana (14) ozilengisile.

Ingxabano esuswe ukuduka kwemali okuyiyo okuthiwa iholele ekutheni u-Asanda Mncwabe waseHammarsdale obefunda uGrade 7 Okhozini Primary azilengise ngoMgqibelo emini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Vincent Mdunge, uthe isidumbu sika-Asanda sitholakale silenga esihlahleni.

“Utholakale elenga ngothayi esihlahleni esagqoke umfaniswano wesikole,” kusho uMdunge.

Uthe uphenyo lwabo luveze ukuthi u-Asanda uxabane nonina ekuseni ngoLwesihlanu esaya esikoleni bebanga imali ebilahlekile ekhaya.

Uthe ngokwazi kwabo ugcine ngalelo langa ukubonakala kwaze kwaba utholakala ngoMgqibelo eselenga emthini.

Kuthiwa uhambe ekhaya ngoLwesihlanu waze watholakala bude buduze nakubo eselenga ngothayi wesikole. Elinye ilungu lomphakathi elicele ukuba igamala lalo ligodlwe, lithe umfana ucele imali yokuhamba nesikole kunina, wamnqabela wase ephetha ngokuzithathela u-R70. Unina ube esemshaya wase ebaleka wagcina ngokutholakala eselenga emthini.

Umndeni ka-Asanda obubukeka usathukile emuva kokuthola ngalesi sigameko awuzange uthande ukuphawula ngaso.

Ngesikhathi kulandwa isidumbu omakhelwane bebesababaza isinqumo esithathwe yilo mfana.

Izigameko zokuzibulala kwezingane seziphenduke insakavukela. Ngonyaka odlule umfana waseBellair, eThekwini wazilengisa okusolwa ukuthi wayedinwe uthisha wakhe. Omunye umfana waseMbumbulu wazilengisa ngoba bemngcona ngebala lakhe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.