LUNGI LANGA

KUSOLWA ukuthi uxabane nonina kubangwa imali elahlekile umfana (14) ozilengisile.

Ingxabano esuswe ukuduka kwemali okuyiyo okuthiwa iholele ekutheni u-Asanda Mncwabe waseHammarsdale obefunda uGrade 7 Okhozini Primary azilengise ngoMgqibelo emini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Vincent Mdunge, uthe isidumbu sika-Asanda sitholakale silenga esihlahleni.

“Utholakale elenga ngothayi esihlahleni esagqoke umfaniswano wesikole,” kusho uMdunge.

Uthe uphenyo lwabo luveze ukuthi u-Asanda uxabane nonina ekuseni ngoLwesihlanu esaya esikoleni bebanga imali ebilahlekile ekhaya.

Uthe ngokwazi kwabo ugcine ngalelo langa ukubonakala kwaze kwaba utholakala ngoMgqibelo eselenga emthini.

Kuthiwa uhambe ekhaya ngoLwesihlanu waze watholakala bude buduze nakubo eselenga ngothayi wesikole. Elinye ilungu lomphakathi elicele ukuba igamala lalo ligodlwe, lithe umfana ucele imali yokuhamba nesikole kunina, wamnqabela wase ephetha ngokuzithathela u-R70. Unina ube esemshaya wase ebaleka wagcina ngokutholakala eselenga emthini.

Umndeni ka-Asanda obubukeka usathukile emuva kokuthola ngalesi sigameko awuzange uthande ukuphawula ngaso.

Ngesikhathi kulandwa isidumbu omakhelwane bebesababaza isinqumo esithathwe yilo mfana.

Izigameko zokuzibulala kwezingane seziphenduke insakavukela. Ngonyaka odlule umfana waseBellair, eThekwini wazilengisa okusolwa ukuthi wayedinwe uthisha wakhe. Omunye umfana waseMbumbulu wazilengisa ngoba bemngcona ngebala lakhe.