UTokollo uthi kwacishe kwaphela ngaye eBotswana

Comment on this story
no mageshhhh . UTOKOLO Tshabalala uthi wenze i-albhamu yakhe entsha ekhululekile

SIZWE BLOSE

UTHI kwacishe kwaphela ngaye ngenxa yengozi eyamehlakalela eseBotswana umculi wekwaito osanda kukhipha i-albhamu entsha.

UTokollo Tshabalala, oyindodana kaStanely “Screamer” Tshabalala, uthe ayikho into emthokozise njengokuhlanganisa le albhamu yakhe ngoba sezidlulile zonke izinto ebezimphatha kabi empilweni.

“Ngesikhathi esedlule bekunzima ukusebenza njengoba kade ngibhekene necala ngenxa yengozi yemoto eyenzeke ngiseBotswana. Into ebeyinzima kakhulu ngaleli cala wukuthi ukuba lagcina ngokungilahla ngangizobulawa njengoba eBotswana kusanesigwebo sentambo,” kuchaza uTokollo.

Uthi ngalesi sikhathi amabhadi abemlandela njengoba kuthe kudlula icala laseBotswana kwalandela elentela kodwa nalo agcine elinqobile.

“Ngithe ngenza le albhamu, i-Heist (emele ukuthi He Is Tokollo) bese ngikhululekile ngingenankinga yingakho nje ngishaye into ephezulu, abantu bazozizwela,” kuchaza uTokollo.

UTokollo uyena obehamba phambili kwi-TKZee ngesikhathi leli qembu elihlanganiswe uyena, (Tokollo) Zwai Bala noKabelo Mabalani lisashisa izikhotha.

Uveze ukuthi isaqhubeka iTKZee kodwa bahlangana uma bemenyiwe ngoba basagxile kuma-albhamu abo.

Uthe le albhamu yakhe yintsha, inezinto angakaze azenze futhi unesiqiniseko sokuthi abantu bazoyithanda. kunezingoma azenze nabaculi abafana noProfessor, Spikiri, Oskido, Zwai nabanye.

UTokollo uthe ikhanda lakhe selihluzekile manje kanti futhi usekhulile.

Uphethe ngokuthi le albhamu enezingoma ezingu-12 ngeyawo wonke umndeni.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.