Advertisement

UTsiko uzotholana noMandawe

KUPHELILE ukuqagela ngempi yesicoco sakuleli sewelterweight obese kunesikhathi engatholakali uphromotha wayo nosekwenze sahlala cishe unyaka wonke singaphethwe muntu.

Isolezwe lithole ukuthi uPat Molefe weRainbow Boxing Promotions (RBP) yaseGoli ugcine ezijubile ukuqhatha uTsiko Mulovhedzi waseLimpopo noBoitsepo “Gangster” Mandawe abanqobe izimpi zokuhlungela ese-SA welterweight.

KULINDELWE impi enezibhakela eziqhwiza umentshisi phakathi kukaBoitshepo Mandawe (kwesokunxele) noTsiko Mulovhedzi abazobanga isicoco se-welterweight |e-Emperor's Palace ngoSepthemba 24. Isithombe: GALLO IMAGES. Credit: Duif du Toit

Le mpi izokuba ngo-Agasti 3, eNasrec, eGoli. I-welterweight selokhu yashiywa nguChris “The Heat” Van Heerden ngoSepthemba 24 nyakenye emuva kokunqoba ese-IBO ehlula uKaizer Mabuza e-Emperors Palace.

Yize uMolefe ethi le mpi kade avuma ukuyiqhatha kodwa ngesonto eledlule uphromotha ojwayelekile kaMulovhedzi, u-Enoch Nxumalo, wakuqinisekisa ukuthi akekho osebathintile mayelana nokuqhatha le mpi. IBoxing South Africa (BSA) yakuqinisekisa lokhu, yathi uma kuze kuphela uJuni engekho uphromotha ovumelana nezinhlangothi zombili zabashayisibhakela, ukuyiphromotha kuzobangwa esidlangalaleni.

“Kuyiqiniso ukuthi izohlelwa yimina le mpi. Ngiqoke ukuyithatha ngoba bengivele senginalo usuku ebengihlose ukuqhatha izimpi ngalo,” kusho uMolefe okwake kwasuka isixakaxaka ebanga igama –iRainbow Boxing Promotions noGladys Tsenene wase-Eastern Cape naye osebenzisa elifanayo.

Ngesikhathi kungacaci ukuthi kwenzekani ngale mpi, umqeqeshi kaMandawe, uNick “Mthakathi” Durandt, wazidela amathambo kuBranco Milenkovic weBranco Sports Production ukuthi ayithathe. Nokho lo phromotha kuthiwa wavele wayiziba leyo nto ngoba engakholelwa emagalelweni kaMandawe.

“Angizikhethi izimpi mina. Ngiyithathe le mpi ngoba ngingakuboni okungalungile ngayo ngoba bonke abashayisibhakela bethu kufanele banikwe ithuba lokungena eringini futhi-ke nje lena ngeyesicoco,” kusho uMolefe.

UMulovhedzi, osekuphele unyaka engakufihli ukuthi usilangazelele isicoco, uthole leli thuba emuva kokuthathwa njengowinile ngoba uSicelo Mzobe engafikanga empini okwakufanele ibe seThekwini. UMandawe udlule kuMthobisi Buthelezi.

UMulovhedzi akaliyekanga ithuba lokungcofa uMandawe owaziwa ngokuzikhulumela.

“Ngiyezwa ukuthi uhlale ethi uzoziwinela kalula. Kukhulu okumlindile kwazise ngiziqeqesha ngokukhulu ukuzikhandla. Ngiyazi ukuthi emqondweni wakhe kukhona ukuthi ngiyivukane,” kusho uMulovhedzi.

Ngalo usuku lwekaMandawe noMulovhedzi, kuzophinde kutholane phezulu uCebo Ngema noLusanda “Schoolboy” Komanisi wase-East London.

SHOW ALL
Advertisement