FANELESIBONGE BENGU

USEZOKUBA yinxusa lama-starter packs amasha akwaVodacom umculi wekwaito okulindeleke ukuthi akhiphe i-albhamu yakhe eyedwa ngemuva kokumisa ukusebenzisana kwabo njengeT’zozo & Professor.

Ngesikhathi Isolezwe limbuza uThokozani “T’zozo” Zulu nge-albhamu yakhe athi uzoyikhipha, uthe useqedile ukwenza izingoma kanti zizonke zingaphezulu kuka-16.

“Sekusele ukuthi sikhethe esizozifaka ngoba ziningi. I-albhamu yami ngifuna ifane nekhonsathi eba nomculo ohlukene ngoba ngisebenze nabaculi abehlukene okubalwa kubo iShabalala Rhythm, Shota, Sosha, Big NUZ, Thokozani Langa, Avante, AmaGroovies nabanye,” kusho uT’zozo othe abantu abayilindele ezinyangeni ezimbili ezizayo.

Lo mculi uzokuba yinxusa lama-starter packs akwaVodacom azothulwa ngokusemthethweni ngoJulayi 8 nonyaka.

Isikhulu sezokukhangisa senkampani ephakela izinkampani zamaselula kuleli ngama-starter packs, iBlue Label Telecoms, uJabu Mogale, sithe abazothenga la ma-starter packs bazothola imihlomulo eyahlukene.

UT’zozo uthe uyajabula ngokuqokwa kwakhe ukuthi abe yinxusa yalama- starter pack.