Advertisement
X

Uvalelwe obulale ingoduso erenki

NOKUBONGWA PHENYANE

IBOSHIWE indoda yasePomeroy egwaze ingoduso yayo amanxeba angu 14 kubuka ingane yabo eneminyaka emithathu nabantu erenki yamatekisi ngoba ingoduso isicele ukuba bahlukane.

UNksz Zandile Mkhize (25) waseNtunjambili eKranskop kuthiwa uthole ukuthi indoda yakhe bese ilobolile kwenye indawo wase ecela ukuba bayeke ukuthandana.

Le ndoda kuthiwa ibhoke ngolaka yathi nayo bese ilobolile kubo yacela ukubuyiselwa wonke amalobobo ayo.

Uma echaza unina walo wesifazane obulewe uNkk Ntombiyezulu Mkhize uthe, indodakazi yakhe yahlangana nalo wesilisa eGoli wafika ekhaya ezolobola.

“Kudala baqala ukuxabana njengoba bebehlala bobabili. UZandile wangifonela engitshela ukuthi umkhwenyana uthole ukuthi uganiwe kodwa kuyena wayemtshele ukuthi unentombazane abanengane nayo,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe ngemuva kwalokho umufi wakhetha ukuthi abuye ekhaya njengoba isimo senhlalo phakathi kwabo sase singesihle, lo wesilisa esehlala ngokumshaya kwesinye isikhathi agcine engeniswe esibhedlela.

“Ngaze ngabiza obaba lapha ekhaya ngizobatshela ukuthi ingane ibuyile njengoba bexabene nomkhwenyana. Ngemuva kwalokhu ubesehlala ngokungithuka nsuku zonke ethi ngivumele ingane yami ibuye ekhaya ngakho ufuna ilobolo akhe,” kuqhuba uNkk Mkhize.

Uthi ngoLwesibili umsolwa ufonele uZandile ecela ukuba bahlangane ukuze athathe ingane

“Uhambe singafuni njengoba besingamthembi lo muntu wesilisa. Sizwe sesifonelwa ngamaphoyisa esitshela ukuthi acela sifike kuwona ePomeroy nala sithole ingane emaphoyiseni ihlezi khona umama wayo eseshonile,” kuchaza yena.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko njengoba ethe umsolwa uboshiwe ubhekene necala lokubulala uzovela enkantolo namhlanje.

SHOW ALL
Advertisement