BAWINILE NGCOBO

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Mmamonnye Ngobeni, usebumbe ithimba lamaphoyisa elizophenya ngezigameko zokubanjwa kwenkuzi kuhlonyiwe emuva kwezihlakalo ezimbili ezenzeke egaraji eWaterloo ngaseVerulam naseposini KwaMashu, izolo.

Leli thimba libunjwa nje ngoMsombuluko odlule eVerulam kubanjwe inkunzi imoto ethwala imali naseGreenwood Park kwenzeka okufanayo.

Kuzo zonke lezi zigameko kuthathwe imali kanti akukaboshwa muntu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Vincent Mdunge, uthe leli thimba lizophenya ukuthi kungabe laba ababamba inkunzi abasilo yini ithimba lezigelekeqe elisebenzisanayo.

“Okuqaphelekayo ngabo wukuthi bahlelekile ngoba bonke baphatha izibhamu ezinkulu. Wuphenyo lwethimba oluzocacisa ukuthi ngabe yithimba elilodwa yini lwezigelekeqe leli,” kusho uMdunge.

Kulesi sifundazwe bese kunesikhathi kwagcina ukuthi kube nezigameko ezenzeka ngokulandelana lapho kuhlaselwa khona amabhizinisi noma kubanjwe izimoto zemali, kuthathwe imali.

Esehlakalweni saseWaterloo izolo, kuthiwa amadoda alinganiselwa kwangu-10 afike ngabo-3 entathakusa ehamba ngezimoto ezintathu iBMW emhlophe, iToyota eluhlaza okwesibhakabhaka neHonda Civic ongaziwa umbala, bafaka uphethiloli egaraji eBP.

Emuva kokufaka uphethiloli babe sebengena ezimotweni bapaka endaweni okupaka khona abasuke bezothenga egaraji.

Kuphume abanye bangena esitolo babamba unogada wakwaReaction Unit, bathatha u-ova wakhe, iselula nezinye izinsizakusebenza.

Laba basolwa kuthiwa babe sebekhipha amathuluzi abebewaphethe basika isisefo okuphoswa kuso imali ngesikhathi abanye abasolwa begade ngaphandle, becashile.

Abasolwa kuthiwa bazame ukucisha ikhamera ekuleli garaji kanti unogada uzociphiza ibhathini lokuqwashisa inkampani yakhe ukuthi kukhona okonakele.

Ngesikhathi omunye unogada efika kule ndawo udutshulwe ngesibhamu i-AK47, kwathathwa isibhamu somsebenzi, ivesti elivikela izinhlamvu no-ova.

Omunye unogada ofikile naye udutshuliwe nge-AK47 ne-R5.

Kuthiwa kusale inqwaba yamagobolondo ezinhlamvu endaweni yesigameko.

Laba basolwa bathathe imali nogwayi babaleka. Enye yezimoto abebehamba ngayo kutholakale ukuthi yebiwe eBerea ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

UMdunge uthe baphenya icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokuzama ukubulala.

Esigamekweni saseposini KwaMashu, kuthiwa kungene amadoda amane abephethe izibhamu ezincane, i-R5 nembazo bafuna ngenkani imali.

Kuthiwa ababili bala madoda baphihlize igilasi yangaphambili eposini abanye bangena ngemuva bathatha isamba semali esingaziwa, badubula kodwa kwangalimala muntu.

UMdunge uthe kuphenywa icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe.